YouVersion Logo
Search Icon

IZenzo 18

18
UPawula Ushumayela EKhorinte
1Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte. 2Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona. 3 Ngokuba wayenza umsebenzi ofanayo nowabo, wahlala nabo, basebenza, ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amathende. 4 Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.
5 Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu. 6 Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”
7Esesukile lapho, wangena endlini yomuntu, ogama lakhe nguThithu Justu, owayekhonza uNkulunkulu; indlu yakhe iseceleni kwesinagoge. 8UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa.
9 INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli, 10 ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.”
11Wahlala lapho unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
12Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela, 13bathi: “Lo muntu unxenxa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.”
14 Kuthe uPawula esathi nje uvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “Nina baJuda ndini, ukuba bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele, 15kodwa uma kungukuqophisana ngamazwi, ngamagama nangomthetho wakini, ziboneleni nina. Mina angifuni ukuba ngumehluleli walokho.”
16Wayesebaxosha phambi kwesihlalo sokwehlulela. 17Khona bonke badumela uSostene, umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwehlulela, kodwa uGaliyu wakushaya indiva lokho.
UPawula Ubuyela E-Antiyokhiya
18Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo. 19Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda. 20Kwathi noma bemncenga ukuba ahlale nabo isikhathi esijana, akaze avuma, 21kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi.
22Kuthe esefikile eKhesariya, wakhuphuka wayobingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokhiya.
UPawula Uqala Uhambo Lwakhe Lwesithathu: U-Apholo Use-Efesu
23Kwathi esehlale khona isikhathi esithile, wahamba, wadabula eGalathiya naseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.
24UmJuda othile, ogama lakhe kungu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokudabuka, indoda efundile futhi enolwazi olunzulu emibhalweni, wafika e-Efesu. 25 Yena wayeyifundisiwe indlela yeNkosi, evutha emoyeni, wakhuluma, wafundisa ngokucacile ngezindaba eziqondene noJesu, kodwa wayazi kuphela umbhabhadiso kaJohane. 26Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu.
27Kuthe esefuna ukwedlulela e-Akhaya esekhuthaziwe, abazalwane base belobela abafundi ukuba bamamukele. Esefikile lapho, wabasiza kakhulu labo abakholwayo ngomusa, 28ngokuba wabaphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKhristu.

Currently Selected:

IZenzo 18: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for IZenzo 18