YouVersion Logo
Search Icon

IDutheronomi 10

10
Izibhebhe Zamatshe Ezintsha
1 “Ngaleso sikhathi uSimakade wathi kimi: ‘Zibazele izibhebhe zamatshe ezimbili zibe njengezakuqala, bese ukhuphukela kimi entabeni, uyozenzela ngomuthi umphongolo. 2 Ngiyoloba ezibhebheni amazwi ayekulezo zibhebhe zokuqala owazephulayo, bese uzifaka emphongolweni.’
3 “Ngase ngenza umphongolo ngomtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili ngamatshe njengezakuqala, ngase ngikhuphukela entabeni ngiziphethe zombili izibhebhe esandleni sami. 4 Waloba ezibhebheni njengalokhu kwakulotshiwe kuqala, imiyalelo elishumi uSimakade ayikhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uSimakade wanginika zona. 5 Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”
Ukufa Kuka-Aroni
6 Abakwa-Israyeli basuka eBheyerothi Bhene Jahakani, baya eMosera; u-Aroni wafela lapho, wangcwatshwa khona. U-Eleyazare, indodana yakhe, yaba ngumphristi esikhundleni sakhe. 7 Basuka lapho, baya eGudigoda; basuka eGudigoda baya eJothabatha, izwe lemifudlana enamanzi.
Ukwehlukaniswa KwabaLevi
8 Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla. 9 Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.
10 “Ngahlala entabeni njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; uSimakade wangilalela nangaleso sikhathi, akathandanga ukunibhubhisa. 11USimakade wayesethi kimi: ‘Sukuma uhambe phambi kwabantu, ukuze bahambe, balidle izwe engafunga ngalo kokhokho babo ukubanika lona.’ ”
Umyalo Wokumesaba Nokumthanda USimakade
12 “Manje-ke, Israyeli, uSimakade uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, na? Ukuba umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, 13ugcine imiyalo kaSimakade nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo lusuku ukuba kube kuhle kuwe.
14 “Bheka, izulu nezulu lamazulu, nomhlaba nakho konke okukuwo, kungokukaSimakade uNkulunkulu wakho. 15 Nokho uSimakade wanamathela kokhokho benu, wabathanda, waziqoka nezizukulwane zabo emva kwabo, yebo, wakhetha nina phakathi kwezizwe zonke, njengoba kunjalo nanamuhla. 16 Ngalokho niyakusoka ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba ntamo lukhuni. 17 Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa. 18 Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo. 19 Bathandeni abafokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe. 20 Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe. 21 Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo ozibonile ngamehlo akho. 22 Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”

Currently Selected:

IDutheronomi 10: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in