YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 22

22
Imithetho Emayelana Nokukhokhelana
1 “Uma umuntu entshontsha inkabi noma imvu, bese eyihlaba noma ayithengise, uyokhokhiswa izinkabi ezinhlanu ngenkabi, nezimvu ezine ngemvu. 2Uma isela libanjwe ligqekeza, liyoshaywa lize life, akuyukuba nacala legazi. 3Uma libanjwe emini kwabha, kuyoba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyokhokha ngokuphindiwe; uma lingenalutho lokukhokha, kuyothengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.
4“Uma okwebiweyo kutholakala esandleni salo kusaphila, kungaba yinkabi, yimbongolo noma yimvu, isela liyakukhokha ngokuphindwe kabili.
5“Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, ayekele izinkomo zakhe zidle ensimini yomunye, kufanele akhokhe lokho okudliweyo; akhiphe okwekhethelo esivinini noma ensimini yakhe kube yinkokhelo.
6“Uma kuqubuka umlilo, wokheleke ezihlahleni ezinameva kuze kushe nezinhlanga zamabele, noma okusanhlamvu okungakavunwa, lowo othungele umlilo kufanele akhokhe.
7 “Uma umuntu enika umakhelwane wakhe imali noma izimpahla ukuba amgcinele ziphephile zibe zingezebiwe endlini kamakhelwane, uma libanjwa isela, liyakukhokha ngokuphindwe kabili. 8 Uma isela lingabanjwanga, umnini wendlu uyakulethwa phambi kukaNkulunkulu, ukuze kucaciswe ukuthi umnini wempahla ngabe uyintshontshe kwamakhelwane yini noma qha.
9 “Emacaleni wonke ombango wempahla, aphathelene nenkabi, imbongolo, imvu, isembatho, noma iyiphi nje enye impahla elahlekile, bobabili ababangayo bayoletha izikhalo zabo kuNkulunkulu. Olahlwa yicala phambi kukaNkulunkulu uyomkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
10“Uma umuntu enika umakhelwane wakhe imbongolo, noma inkabi, noma imvu, noma silwane sini, bese isilwane siyafa noma silimale noma sithunjwe singabonwa muntu, 11isifungo phambi kukaSimakade yisona esiyakunquma phakathi kwabo ukuthi omunye akabanga nasandla empahleni yomunye. Umnini wesilwane uyakusamukela isifungo kungabi bikho sinxephezelo asitholayo. 12Kepha uma yebiwe, umniniyo uyothola isinxephezelo. 13Uma idwengulwe yizilwane zasendle, makulethwe ubufakazi; akuyukuba bikho sinxephezelo ngokudwenguliweyo.
14“Uma umuntu eboleka isilwane komunye umuntu bese leso silwane siyalimala noma sife umniniso engekho, uyakukhokhelwa ngokugcwele. 15Kepha uma umininiso ebekhona, akayukukhokhelwa, uma besiqashiwe, uyokhokhelwa inani lokusiqasha kuphela.
Imithetho Yokuziphatha Neyenkolo
16 “Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, kufanele ayilobole, imgane. 17Kepha uma uyise wentombi enqaba ukumganisela, uyakukhokha inani elilingana nelobolo lentombi.
18 “Awuyukumvumela umlumbikazi aphile.
19 “Lowo olala nesilwane, makabulawe.
20 “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, angenzeli uSimakade yena yedwa, uyobhujiswa.
21 “Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe. 22 Aniyukumhlupha umfelokazi nentandane. 23 Uma ubahlukumeza, bese bekhala kimi, ngiyokuzwa ukukhala kwabo, 24 ulaka lwami luvuthe, nginibulale ngenkemba, omkenu babe ngabafelokazi, izingane zenu zibe yizintandane.
25 “Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo. 26Uma uthatha ingubo kamakhelwane wakho ibe yisibambiso, uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga, 27 ngokuba kungenzeka kube yiyona ngubo kuphela anayo ukuyembatha; uyokwembathani uma eselala na? Uma umakhelwane wakho ekhala kimi, ngiyokumlalela, ngokuba nginomusa.
28 “Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.
29 “Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini.
“Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina. 30 Uyokwenza okufanayo ngamazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho. Uyakuwavumela abe nonina izinsuku eziyisikhombisa, bese kuthi ngosuku lwesishiyagalombili uwanikele kimi.
31 “Niyakuba ngabantu abangcwele kimi, ngakho-ke ningayidli inyama yesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, kodwa aniboyiphonsela izinja.

Currently Selected:

I-Eksodusi 22: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in