YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 26

26
Ithabanakeli
1 “Uyokwenza ithabanakeli ngamakhethini alishumi enziwe ngelineni elicolekileyo lemicu ephothwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, nokubomvu. Ingcweti iwahlobise ngamakherubhi. 2Ubude bekhethini ngalinye bube ngamakhubhithi angama-28, ububanzi balo bube ngamakhubhithi amane. Wonke amakhethini ayakulingana. 3Amakhethini ayisihlanu ayothungwa ahlanganiswe ndawonye, kanjalo namanye amakhethini ayisihlanu ayothungwa ahlanganiswe ndawonye. 4Uyokwenza izihibe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka emphethweni wekhethini lokuqala, kanjalo nasemphethweni wekhethini lesibili. 5Uyokwenza izihibe ezingama-50 ekhethinini lokuqala, wenze futhi izihibe ezingama-50 nakwelesibili. Izihibe uyozenza ziqondane. 6Uyokwenza izinkintsho zegolide ezingama-50 bese amakhethini uwahlanganisa ndawonye ngezinkintsho, ukuze ithabanakeli libe lilodwa.
7 “Uyokwenza amakhethini ngoboya bezimbuzi, abe yithende phezu kwethabanakeli, uyokwenza amakhethini ayi-11. 8Ubude bekhethini buyoba ngamakhubhithi angama-30, ububanzi balo bube ngamakhubhithi amane. Lawa makhethini ayi-11 kufanele alingane. 9Uyohlanganisa amakhethini ayisihlanu ndawonye, namakhethini ayisithupha uyakuwahlanganisa ndawonye, bese kuthi ikhethini lesithupha uliphinde kabili phambi kwethende. 10Uyokwenza izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini lokuqala elingasekugcineni, nezinye ezingama-50 emphethweni wekhethini lesibili elingasekugcineni. 11Uyokwenza izinkintsho zethusi ezingama-50, ufake amahhuku ezinkintshweni, bese ulihlanganisa ndawonye ithende ukuze libe yinto eyodwa. 12Ingxenye eseleyo yamakhethini ethende, ingxenye yekhethini eliseleyo iyolenga ngemuva kwethabanakeli. 13Ikhubhithi kulolu hlangathi nekhubhithi ngakolunye kwalokho okuseleyo ebudeni bamakhubhithi ethende, kuyakulengiswa emaceleni ethabanakeli kulemboze. 14Ithende uyolenzela isembozo ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, nesembozo sangaphandle ngezikhumba zamahlengethwa.
15 “Uyokwenza amapulangwe ethabanakeli ngokhuni lomkhambathi, uwamise. 16Ubude bamapulangwe bube ngamakhubhithi ayishumi, ububanzi balelo nalelo bube yikhubhithi nengxenye. 17Yilelo nalelo pulangwe liyokuba nezikhonkwane ezimbili zokuwaxhumanisa; uyokwenza kanjalo kuwo wonke amapulangwe ethabanakeli. 18Uyokwenza amapulangwe ethabanakeli abe ngama-20 ngasohlangothini lwaseningizimu, olubheke eningizimu. 19Uyokwenza izisekelo zesiliva ezingama-40 phansi kwamapulangwe angama-20, izisekelo ezimbili zibe phansi kwepulangwe lokuqala, ukuze zibambe izimpondo zalo; izisekelo ezimbili ngaphansi kwepulangwe elilandelayo, zibe yizikhonkwane ezimbili; 20nasohlangothini lwesibili lwethabanakeli olungasenyakatho uyomisa amapulangwe angama-20, 21nezisekelo zesiliva ezingama-40, izisekelo ezimbili zibe phansi kwepulangwe lokuqala, ezinye ezimbili zibe phansi kwepulangwe elilandelayo. 22Ohlangothini lwethabanakeli olungasemuva ngasentshonalanga uyomisa amapulangwe ayisithupha. 23Uyokwenza amapulangwe amabili ngasemuva kwethabanakeli abe ngamakhona alo. 24Lawa mapulangwe asemakhoneni kufanele ahlanganiswe kusukela phansi kuze kuyofika phezulu, amapulangwe amabili enza amakhona ayokwenziwa kanjalo nawo. 25Ngakho-ke kuyokuba namapulangwe ayisishiyagalombili anezisekelo zesiliva ezili-16, zibe mbili phansi kwepulangwe ngalinye.
26“Uyokwenza imishayo eyisihlanu ngokhuni lomkhambathi, ibe ngamapulangwe ngakolunye uhlangothi lwethabanakeli, 27imishayo emihlanu ibe ngeyamapulangwe ngakolunye uhlangothi lwethabanakeli, neminye emihlanu ibe ngeyamapulangwe asohlangothini lwethabanakeli olungasemuva ngasentshonalanga. 28Umshayo ophakathi, phakathi kwamapulangwe udabule uze ufinyelele kuzo zombili izinhlangothi. 29Uyowacaka amapulangwe ngegolide, wenze amasongo awo ngegolide, ukuze abambe imishayo, okufanele ukuba nayo icakwe ngegolide.
30 “Uyolimisa ithabanakeli ngendlela owakhonjiswa yona entabeni.”
Isihenqo
31 “Uyokwenza isihenqo ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ingcweti isihlobise ngamakherubhi. 32Uyosilengisa ezinsikeni ezine zokhuni lomkhambathi ezicakwe ngegolide, ezinezinkintsho zegolide, futhi zimi ezisekelweni ezine. 33Uyolengisa isihenqo phansi kwamahhuku asophahleni, bese ungenisa umphongolo wesivumelwano phakathi kwesihenqo, isihenqo siyakunehlukanisela indawo engcwele nendawo engcwelengcwele. 34Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo wesivumelwano endaweni engcwelengcwele. 35Uyakubeka itafula ngaphandle kwesihenqo, uthi lwezibani ngaseningizimu lethabanakeli lubhekane netafula, ulibeke itafula ngasohlangothini olungasenyakatho.
36“Uyokwenza isihenqo sasemnyango wethende ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, umsebenzi womfekethisi. 37Isihenqo leso uyosenzela izinsika eziyisihlanu ngokhuni lomkhambathi, uzicake ngegolide, nezinkintsho zazo zibe yigolide, uzenzele izisekelo zethusi eziyisihlanu.

Currently Selected:

I-Eksodusi 26: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in