U-Izaya 15
15
Isiphrofetho NgoMowabi
1Isiphrofetho ngoMowabi.
Impela ngabusuku bunye
i-Ari Mowabi linqotshiwe,
labhujiswa.
Impela ngabusuku bunye
iKhiri Mowabi linqotshiwe,
lachithwa.
2Bayokhuphukela ethempelini;
iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala.
AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha;
wonke amakhanda ayizimpandla,
nezilevu zonke ziphuciwe.
3Babhince amasaka kuyo yonke imigwaqo,
nasophahleni lwabo,
nasezigcawini zabo,
bonke bayalila,
kugobhoza izinyembezi.
4IHeshibhoni ne-Elehale kuyakhala;
izwi labo lizwakala naseJahazi;
amabutho akwaMowabi ayamemeza,
umphefumulo wawo uyathuthumela.
5Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi;
ababalekileyo bakhona babalekela eZowari
nase-Egila shelishiya;
bakhuphukela eLuhithe bekhala,
nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.
6Ngokuba amanzi aseNimrimi ashile,
utshani bomile,
uhlaza luphelile,
akusekho okuluhlaza.
7Yingakho abakutholileyo obekusasele,
nemfuyo yabo,
bakuwelise uMfula Weminyezane,
8ngokuba ukukhala kwabakwaMowabi
kuzungeze imingcele yakhona,
ukulila kwabo kuze kufinyelele e-Egelayimi,
nokububula kwabo kufike eBheri Elimi.
9Amanzi aseDimoni agcwele igazi;
iDimoni ngisazolehlisela okukhulu,
ingonyama ngiyibekele abayosinda bakwaMowabi,
nabaseleyo ezweni.
Currently Selected:
U-Izaya 15: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.