U-Izaya 19
19
Isiphrofetho NgeGibhithe
1Isiphrofetho ngeGibhithe.
Bheka, uSimakade ugibele efini elisheshayo,
uyeza eGibhithe;
onkulunkulu baseGibhithe bazothuthumela phambi kwakhe,
nezinhliziyo zabaseGibhithe
ziphele amandla phakathi kwabo.
2“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa,
umfowabo alwe nomfowabo,
umakhelwane alwe nomakhelwane,
umuzi ulwe nomuzi,
nombuso ulwe nomunye umbuso.
3AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya,
ngizowabhuntshisa amacebo abo.
Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu,
nasemimoyeni yabafileyo,
nasemadlozini, nakubathakathi.
4AbaseGibhithe ngiyobanikela
esandleni senkosi enolunya namandla, ibabuse,”
kusho uSimakade Wamabandla.
5Amanzi olwandle ayokusha,
umfula wome nkwe.
6Imifula iyonuka,
imifudlana eGibhithe iyoncipha, ishe,
kubune umhlanga nebhuma.
7Kuyoba namaqwaqwasi ngaseNayili,
osebeni lweNayili,
konke okutshalwe ngaseNayili kuyokoma,
kuhlakazwe, kungabe kusaba bikho.
8Abadoba izinhlanzi bayokhala;
bonke abaphonsa izindobo eNayili balile,
nabaphonsa amanetha emanzini ayo bayodabuka.
9Abasebenza ngefilakisi,
nabeluka ilineni bayodumala.
10Abeluki bakhona bayodumala,
nabasebenzela ukuhola badabuke ezinhliziyweni.
11Izikhulu zaseZowani ziyiziwula ngempela,
abeluleki abahlakaniphileyo bakaFaro beluleka ubuwula.
Ningasho kanjani kuFaro, nithi:
“Ngiyindodana yezihlakaniphi,
isizukulwane samakhosi asemandulo” na?
12Pho baphi manje abahlakaniphileyo bakini na?
Mabakutshele, bakwazise okucetshwa
nguSimakade Wamabandla ngeGibhithe.
13Izikhulu zaseZowani seziphenduke iziwula,
izikhulu zaseNofi ziluthekile.
Labo abayizinsika zezizwe zalo
balidukisile iGibhithe.
14USimakade uthelile phakathi kwalo
umoya wokudideka,
balenze iGibhithe ladiyazela
kukho konke elikwenzayo,
njengesidakwa sididizela ebuhlanzweni baso.
15Akukho lutho olungasiza iGibhithe,
ngisho ikhanda noma umsila,
igatsha lesundu noma umhlanga.
16Ngalolo lusuku abaseGibhithe bayofana nabesifazane, bathuthumele ngukwesaba, ngenxa yesandla sikaSimakade Wamabandla esimelene nabo. 17Izwe lakwaJuda liyobafaka ingebhe abaseGibhithe. Bonke okuyokhulunywa kubo ngalo bayongenwa wukwesaba ngenxa yecebo uSimakade Wamabandla alicebile ngalo.
18Ngalolo lusuku, eGibhithe, kuyoba nemizi emihlanu ekhuluma ulimi lwaseKhanani, eyokwenza isifungo sokwethembeka kuSimakade Wamabandla. Omunye waleyo mizi uyobizwa ngokuthi nguMuzi Wembubhiso.
19Ngalolo lusuku kuyoba khona i-althare likaSimakade phakathi nezwe eGibhithe, nensika kuSimakade emngceleni walo. 20Liyokuba yisibonakaliso nobufakazi kuSimakade Wamabandla eGibhithe. Bayokhala kuSimakade ngenxa yabacindezeli; abathumelele umkhululi, abavikele, abakhulule. 21USimakade uyozibonakalisa kwabaseGibhithe ngalolo lusuku, nabaseGibhithe bayomazi uSimakade, bayakumkhonza ngomhlatshelo nangomnikelo wokushiswa, benze izifungo kuSimakade, bazifeze. 22USimakade uyolishaya iGibhithe, alishaye abuye aliphilise; bayobuyela kuSimakade, bamnxuse, abaphulukise.
23Ngalolo lusuku kuyoba khona umgwaqo omkhulu osuka eGibhithe uye e-Asiriya, i-Asiriya liyokuya eGibhithe, neGibhithe liye e-Asiriya, abaseGibhithe bayokhonza nabase-Asiriya.
24Ngalolo lusuku owakwa-Israyeli uyoba ngowesithathu, ehlangene nabaseGibhithe nabase-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba. 25USimakade Wamabandla awubusisile, ethi: “Malibusiswe iGibhithe, abantu bami ne-Asiriya, umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”
Currently Selected:
U-Izaya 19: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.