U-Izaya 21
21
Isiphrofetho NgeBhabhele
1Isiphrofetho ngehlane eligudle ulwandle.
Njengesiphepho sivunguza eningizimu,
kukhona ozayo ovela ehlane,
ezweni elesabekayo.
2Ngiboniswe umbono oshaqisayo:
umkhapheli ekhaphela,
nombhubhisi ebhubhisa.
Yenyuka Elamu,
uvimbezele Mediya;
ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.
3Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu;
ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo;
ngikhonkobele ngengikuzwile,
ngethukile ngengikubonile.
4Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela;
ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele,
sekuphenduke ixhala kimi.
5Balungisa itafula,
bendlala izindwangu,
bayadla, bayaphuza.
Hhayi bo, zikhulu, sukumani!
Gcobani amahawu.
6Ngokuba iNkosi ithe kimi:
“Hamba uyomisa umlindi ozakukwazisa akubonayo.
7Lapho ebona umgibeli,
nabagibele amahhashi ngababili,
ogibele imbongolo
nogibele ikameli,
uyoqaphelisisa,
alalele ngokucophelela okukhulu.”
8Ibhubhesi lamemeza, lathi:
“Nkosi, ngihlale ngimi embhoshongweni wami
nsuku zonke,
nasendaweni engibekwe kuyo
ubusuku bonke.
9Bheka, sekuza umuntu ngenqola yamahhashi.
Umemeza athi:
‘Liwile, liwile iBhabhele,
nazo zonke izithombe zonkulunkulu balo;
kuphelele phansi.’ ”
10Wena ongokubhuliweyo kwesibuya sami,
lokhu engikuzwe ngoSimakade Wamabandla,
uNkulunkulu ka-Israyeli;
ngiyakukumemezela kuwe.
Isiphrofetho NgeDuma
11Lesi yisiphrofetho ngeDuma.
Kukhona ongimemeza eseSeyiri, ethi:
“Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?
Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”
12Umlindi wathi:
“Ukusa kuyeza, nobusuku ngokunjalo;
uma nifuna ukubuza, buzani;
nibuye futhi.”
Isiphrofetho Nge-Arabhiya
13Isiphrofetho nge-Arabhiya.
Niyakulala ehlozini elisemathafeni e-Arabhiya,
nina mahele aseDedanimi.
14We zakhamuzi zakwaThema,
lethelani abomileyo amanzi,
bahlangabezeni ngokudla abafokazi.
15Ngokuba babalekele izinkemba,
izinkemba ezihoshiweyo,
neminsalo ensaliweyo,
nobunzima bempi.
16Ngokuba iNkosi ithe kimi: “Ngesikhathi esingangonyaka, ngokubalwa kweminyaka yoqashiweyo, lonke udumo lweKhedari luzophela; 17inani lensali yabaciba ngemicibisholo, amaqhawe aseKhedari, iyoba yingcosana,” ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.
Currently Selected:
U-Izaya 21: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.