YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 24

24
USimakade Wehlulela Umhlaba
1Manje uSimakade usezowenza incithakalo umhlaba,
ube yize,
agumbuqele ubuso bawo,
ahlakaze abakhileyo kuwo.
2Njengoba kuyakuba njalo kubantu,
kuyakuba njalo nakubaphristi;
njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni,
kuyakuba njalo nakumniniso;
njengoba kunjalo encekukazini,
kuyakuba njalo nasenkosikazini;
njengoba kunjalo kumthengi,
kuyakuba njalo nakumthengisi;
njengoba kunjalo kobolekisayo,
kuyakuba njalo nakobolekayo;
njengoba kunjalo kokweletisayo,
kuyakuba njalo nakokweletayo.
3Umhlaba uyokuba yincithakalo,
uphangwe impela,
ngokuba uSimakade ulishilo leli lizwi.
4Umhlaba womile, ubunile,
izwe liyashabalala, liyaphela,
abahloniphekile bomhlaba bayaphela.
5Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo,
ngokuba bayeqile imithetho,
baphambuka ezimisweni,
basephula isivumelwano saphakade.
6Ngakho-ke isiqalekiso
siyawubhuqabhuqa umhlaba,
izakhamuzi zitholwe zinecala;
ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,
kusale ingcosana nje kuphela.
7Iwayini elisha liphelile,
imivini iyabuna;
bayabubula bonke abanhliziyo zeneme.
8Ukuzijabulisa ngokhehlegume akusekho,
ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,
nenjabulo yehabhu inqamukile.
9Abasahubi lapho bephuza iwayini,
uphuzo olunamandla seluyababa
kulabo abaluphuzayo.
10Umuzi wenxushunxushu ubhidliziwe,
zonke izindlu zivaliwe
ukuze kungangeni muntu kuzo.
11Kunesililo emigwaqweni,
kukhalelwa iwayini;
yonke intokozo iphele nya,
injabulo yezwe ixoshiwe.
12Kusele incithakalo emzini,
amasango afahlaziwe aba yimvithi.
13Kuyokuba kanjalo emhlabeni phakathi kwezizwe.
Kuyakuba njengomnqumo uvithikile,
nanjengokukhothoza sekwedlule
isikhathi sokuvuna amagilebhisi.
14Abantu bayophakamisa izwi labo,
bababaze ubukhosi bukaSimakade entshonalanga.
15Ngakho-ke empumalanga
mdumiseni uSimakade,
emazweni asogwini likhazimuliseni igama likaSimakade
uNkulunkulu ka-Israyeli.
16Emikhawulweni yomhlaba
sizwa amahubo okudumisa, athi:
“Udumo malube koLungileyo!”
Kodwa mina ngithi:
“Maye, kimina,
ngokuba ngiyafa, ngiyafa!”
Ngokuba abakhohlisi bakhohlisile,
abakhohlisi bakhohlisile kakhulu.
17Ukwesaba, umgodi nogibe kuphezu kwenu,
nina enakhileyo emhlabeni.
18Kuyothi obalekela umsindo wokwesaba
awele emgodini;
ophuma emgodini uyobanjwa wugibe.
Ngokuba amafasitela ezulu avuliwe,
nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.
19Umhlaba uyophihlizwa,
ube yimvithi, uqhekezeke,
umhlaba uyakuzanyazanyiswa kanzima.
20Umhlaba uzontengezela njengodakiweyo,
untengantenge njengexhokovana,
isiphambeko sawo siyakuba nzima
phezu kwawo,
uwe ungaphinde uvuke nanini.
21Ngalolo lusuku uSimakade
uyowajezisa amabandla asezulwini phezulu,
namakhosi omhlaba emhlabeni.
22Bayohlanganiswa ndawonye,
njengeziboshwa ziqoqelwa emgodini,
bayovalelwa ejele,
kuthi emva kwezinsuku eziningi, bajeziswe.
23Inyanga iyakukhophozela,
ilanga libe namahloni,
ngokuba uSimakade Wamabandla
uyobusa entabeni iZiyoni naseJerusalema,
phambi kwamalunga akhe,
inkazimulo yakhe
ibe phambi kwamalunga akhe.

Currently Selected:

U-Izaya 24: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for U-Izaya 24