YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 26

26
Isihlabelelo Sokwethembela KuSimakade
1Ngalolo lusuku, ezweni lakwaJuda kuyohlatshelelwa lesi sihlabelelo esithi:
Sinomuzi oqinileyo,
usimisela insindiso ibe yizingange nezindunduma.
2Vulani amasango
ukuze isizwe esilungileyo
esigcina iqiniso singene.
3Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe.
4Thembani kuSimakade kuze kube phakade,
ngokuba unguSimakade,
yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.
5Uyothobisa abakhe endaweni ephakemeyo,
umuzi ophakemeyo uwubhidliza awuthele othulini.
6Unyathelwe ngonyawo,
yizinyawo zabampofu,
ugxotshwe nangabantulayo.
7Indlela yabalungileyo iqondile,
Wena Olungileyo
uyenza ibe bushelelezi
indlela yoqotho.
8Simakade siyakulindela
endleleni yezehlulelo zakho.
Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho,
nezikhumbuzo zakho.
9Ebusuku umphefumulo wami uyakulangazelela,
ngiyokufunisisa ngomoya ongaphakathi kwami.
Ngokuba lapho izehlulelo zakho zisemhlabeni,
izakhamuzi zasemhlabeni zifunda ukulunga.
10Uma omubi enzelwa umusa akakufundi ukulunga;
ezweni lobuqotho wenza ukonakala,
angabuboni ubukhosi bukaSimakade.
11Simakade, isandla sakho siphakeme,
kodwa abasiboni.
Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho,
babe namahloni;
bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.
12Simakade, uzosenzela ukuthula,
ngokuba yonke imisebenzi yethu
siyenzelwe nguwe.
13Simakade Nkulunkulu wethu,
sibuswe ngamanye amakhosi esikhundleni sakho,
kodwa thina sidumisa igama lakho kuphela.
14Abafileyo abasaphili,
imimoya yabo ayiyukuvuka;
yingakho-ke wabajezisa, wababhubhisa,
wenza ukuba bangabe besakhunjulwa.
15Simakade, usandisile isizwe, sanda,
wadunyiswa, wandisa yonke imingcele yezwe.
16Simakade, bakufunile besosizini,
bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.
17Njengowesifazane okhulelweyo osezobeletha
ekhaliswa yizinhlungu zokusikwa,
saba njalo phambi kwakho, Simakade.
18Sasikhulelwe, sisezinhlungwini, sazala umoya nje.
Akukho nsindiso esayiletha emhlabeni,
asizalanga bantu balo mhlaba.
19Abafileyo bakho bayophila,
izidumbu zabo zivuke.
Vukani, nihlokome ngenjabulo
nina enihlala othulini,
ngokuba amazolo akho
ayoba njengokukhanya kwasekuseni,
nomhlaba uyokhipha abafileyo.
20Hambani bantu bami,
niye ezindlini zenu,
nizivalele khona,
nicashe isikhashana,
luze lwedlule ulaka.
21Bhekani,
uSimakade uyaphuma endaweni yakhe
ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni
ngenxa yesiphambeko sabo.
Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo,
ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.

Currently Selected:

U-Izaya 26: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in