YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 27

27
Ukubuyiswa Kwabakwa-Israyeli, E-Asiriya, NaseGibhithe
1Ngalolo lusuku uSimakade
uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya,
elukhuni nemandla.
ULeviyathani yinkanyamba esheshayo,
futhi ethandelayo,
uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.
2Ngalolo lusuku kuyoba khona
isivini esinxanelekayo.
Hlabelelani ngaso, nithi:
3“Mina Simakade ngingumlindi waso;
njalo ngiyasichelela;
ngisilinda ubusuku nemini,
kungaze kube khona osonakalisayo.
4Angisithukutheleli.
Uma singivezela ameva namakhakhasi,
ngizolwa nawo ngiwashise.
5Kungenjalo, masithandele kimi
ukuze sivikeleke,
masibe nokuthula nami,
masenze ukuthula nami.”
6Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila,
u-Israyeli aqhakaze, akhahlele,
athele izithelo,
agcwalise umhlaba wonke.
7Ngabe uSimakade ushaye u-Israyeli
ngendlela abashaya ngayo
abamshayayo na?
Ngabe ubabulele
ngendlela abulala ngayo
abambulala na?
8Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile,
wabasusa ngomoya wakhe onamandla,
ngosuku lomoya wasempumalanga.
9Ngalokhu ububi bukaJakobe buzohlangulwa,
kube yisithelo esiphelele
sokususa isono sakhe,
lapho enza wonke amatshe ase-althare
abe yimvithi afane nomcako,
kungabe kusamiswa nsika engu-Ashera,
ngisho nama-althare empepho imbala.
10Ngokuba umuzi obiyelweyo usuyize,
ikhaya lishiyiwe,
lalahlwa, lanjengehlane;
ithole seliklaba kulo,
libuthise, lidle,
liphundle amagatsha.
11Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa,
kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo.
Ngokuba laba bantu
bayisizwe esingenakuqonda;
owabenzayo akayukubahawukela,
nowababumbayo akayukuba namusa kubo.
12Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye. 13Ngalolo lusuku kuyobethwa icilongo elikhulu, labo ababedukele e-Asiriya nalabo ababexoshwe eGibhithe, bayofika badumise uSimakade entabeni engcwele eJerusalema.

Currently Selected:

U-Izaya 27: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in