YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 28

28
Isiphrofetho Ngo-Efrayimi
1Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza
kwezidakwa zakwa-Efrayimi,
nasembalini ebunayo
yobuhle obukhazimulayo bawo,
osenhloko yesigodi esivundile,
salabo abanqotshwe yiwayini!
2INkosi inalowo oqinileyo nonamandla,
ngesandla sakhe uyogumbuqela umhlaba
njengesivunguvungu esinesichotho,
nesiphepho esichithayo,
namanzi anamandla akhukhulayo.
3Uyakufihliza ngezinyawo umqhele wokuzikhukhumeza,
wezidakwa zakwa-Efrayimi.
4Imbali ebunayo yobuhle bawo obukhazimulayo,
osenhloko yesigodi esivundile,
iyofana nekhiwane elivuthwe kuqala
lingakangeni ihlobo,
noma ngubani olibonayo
ulikha alisobozele lisesesandleni.
5Ngalolo lusuku uSimakade Wamabandla
uyoba ngumqhele wobukhosi,
nesicoco esihle ensalini yabantu bakhe.
6Uyoba ngumoya wobulungiswa kumehluleli,
namandla kwabavimba impi esangweni.
Ukonakala KwaseJerusalema
7Abaphristi nabaphrofethi bacwile shi ezinkambeni,
babona imibono eyize,
bakhubeke ekwehluleleni.
Labo ababhukuda ewayinini,
babhamazeliswa wuphuzo olunamandla.
8Wonke amatafula agcwele ubuhlanzo nokungcola,
akusekho ndawo ehlanzekileyo.
9“Ngubani ayomfundisa ukwazi,
umbiko uyowuchazela bani na?
Laba abalunyulwe ebeleni,
bayekiswa ukuncela ubisi na?
10Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo,
isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,
umthetho phezu komthetho,
umthetho phezu komthetho,
ingcosana lapha, ingcosana laphaya.”
11Impela uyokhuluma kulaba bantu
ngezindebe ezingingizayo
nangolimi olungaziwayo.
12Athi kubo:
“Lokhu ngukuphumula,
phumuzani abantekenteke;
lokhu kungukuhlunyelelwa;”
nokho abezwanga.
13Ngakho-ke izwi likaSimakade yileli:
isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,
isiyalezo phezu kwesiyalezo,
umthetho phezu komthetho,
umthetho phezu komthetho,
ingcosana lapha, ingcosana laphaya,
ukuze bahambe, bawe nyovane,
bephuke, bacushwe, babanjwe.
14Nina bantu abedelelayo,
ababusa abantu baseJerusalema,
yizwani izwi likaSimakade,
15ngokuba nithe:
“Senze isivumelwano nokufa,
sivumelene nendawo yabafileyo;
lapho isiswebhu esiyishoba sedlula,
asiyukuza kithi,
ngoba amanga siwenze ayisiphephelo sethu,
sacasha phansi kwenkohlakalo.”
16Ngakho-ke, ithi iNkosi uSimakade:
“EZiyoni ngibeka itshe lesisekelo elivivinyekileyo,
itshe legumbi eliyigugu
elinqabileyo lesisekelo soqobo,
owethembayo akayukuxhamazela.
17Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala,
ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa,
isichotho siyophephetha inqaba yamanga,
amanzi akhukhule umpheme.
18Isivumelwano senu nokufa siyochithwa,
ukuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuseyukuma;
lapho isiswebhu esikhukhulayo sedlula, siyonifihliza.
19Njalo lapho sedlula siyonibamba.
Siyodabula njalo ekuseni,
nasemini nasebusuku.”
Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.
20Ngokuba umbhede uyokuba mfishane
ukuba umuntu azelule kuwo,
nengubo ibe ncane
ukuba ayembathe.
21USimakade uyophakama njengentaba iPharazimi,
athukuthele njengesigodi iGibheyoni,
ukuze enze umsebenzi wakhe,
umsebenzi wakhe awejwayelekile,
afeze umsebenzi wakhe,
izenzo zakhe ezimangalisayo!
22Manje maningedeleli
funa izibopho zenu ziqiniswe,
ngokuba ngisizwile isimemezelo sokubhubhisa
wonke umhlaba,
siqhamuka eNkosini uSimakade Wamabandla.
23Lalelani, nizwe izwi,
bekani indlebe,
nilalele inkulumo yami.
24Ngabe abalimi
balima njalo bangayeki na?
Badubuza amagabade,
bambe imigodi na?
25Lapho sebehlelembe umhlabathi
abatshali yini imbewu
eyehlukene ngemigqa
ibhali nokolo endaweni yakho na?
26UNkulunkulu wakhe uyamkhaliphisa,
amfundise indlela eyiyo.
27Uphoko alubhulwa ngesibhulo esibukhali,
nesondo lenqola aliphendulwa phezu kwekhumini.
Kodwa uphoko lushaywa ngenduku,
nekhumini ngogongolo.
28Okusanhlamvu kokwenza isinkwa kuyagaywa,
kodwa umuntu akakubhuli njalo,
ngisho engakufihliza ngenqola
edonswa ngamahhashi,
akusoze kwacoliseka.
29Nalokho kuvela kuSimakade Wamabandla
omangalisayo ekwalulekeni,
nohlakaniphe ngokwedlulele.

Currently Selected:

U-Izaya 28: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in