YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 31

31
USimakade Wamabandla Uyolivikela IJerusalema
1Maye, kulabo abehlela eGibhithe
ukuyocela usizo,
abethembele emahhashini
nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi,
nakubagibeli bamahhashi
ngokuba benamandla,
kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli,
bengamfuni uSimakade!
2Naye uhlakaniphile, uletha inhlekelele,
kalibuyiseli emuva izwi lakhe,
kodwa uyomelana nendlu yababi,
nosizo lwabenza okubi.
3AbaseGibhithe bangabantu,
abasiye uNkulunkulu,
namahhashi abo ayizilwane,
awasiwo umoya.
Lapho uSimakade elula isandla sakhe,
umsizi uyokhubeka,
nosizwayo awe,
babhubhe kanyekanye.
4Usho kanje uSimakade kimi, uthi:
“Njengengonyama ibhodla,
nebhongo lengonyama
ligwavuma phezu kwenyamazane,
aliphazanyiswa wumsindo
wokumemeza kwabelusi abaningi
abasuke bebizwe ukumelana nalo,
futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo,
kanjalo uSimakade Wamabandla
uyokwehla ukuba alwe
entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.
5Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda,
kanjalo uSimakade Wamabandla
uyolivikela iJerusalema,
uyolivikela, alisindise,
adlule phezu kwalo, alikhulule.”
6Nina bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuye lona enimhlubuke kakhulu kangaka. 7Ngokuba ngalolo lusuku, kuyoba yilowo nalowo alahle izithombe ezibaziweyo zesiliva nezegolide, enizenze ngezandla zenu zaba yisono senu.
8“Abase-Asiriya bayofa ngenkemba,
kungeyona eyomuntu;
inkemba okungesiyona eyomuntu iyobaqothula,
bayothi galo yephuka phambi kwenkemba.
Izinsizwa zakhona ziyoba yizisebenzi ezingakhokhelwa.
9Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo,
izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela,
ngenxa yokudangala,”
kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni,
nosithando sakhe siseJerusalema.

Currently Selected:

U-Izaya 31: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for U-Izaya 31