U-Izaya 42
42
Inceku KaSimakade
1“Bheka, inceku yami engiyesekayo,
okhethiweyo wami
othokoza ngaye umphefumulo wami;
ngibekile umoya wami phezu kwakhe,
uyakwenzela izizwe ubulungiswa.
2Akayukukhala,
akayukuliphakamisa izwi lakhe,
akayukulizwakalisa izwi lakhe emigwaqweni.
3Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula,
umongo othunqanyo akayukuwucima,
uyakwenza ukwehlulela ngokweqiniso.
4Akayukudangala, aphele amandla,
aze amise ubulungiswa emhlabeni;
neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”
5Usho kanje uNkulunkulu uSimakade
owadala izulu, waleneka,
wendlala umhlaba nokuvela kuwo;
onika abantu abakuwo umphefumulo
nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
6“Mina Simakade ngikubize ngokulunga,
ngiyokubamba ngesandla sakho,
ngikulondoloze,
ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu,
nokukhanya kwabezizwe,
7ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,
ukhiphe iziboshwa ejele,
nabahlezi ebumnyameni ejele.
8“NginguSimakade; yilelo igama lami;
angiyukumnika omunye inkazimulo yami,
nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.
9Izinto zakuqala zifikile,
sengizakumemezela izinto ezintsha;
zingakaqhamuki, ngiyakunenza nizizwe.”
Ihubo Elisha
10Mhubeleni uSimakade ihubo elisha,
indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba,
nina enehlela olwandle
nakho konke okukulo,
nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11Ihlane nemizi yalo makujabule,
nemizana okwakhe kuyo abakwaKedari,
abakhileyo eSela mabajabule bathokoze,
mabenanele beseziqongweni zezintaba.
12Mabamnike uSimakade udumo,
bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
13USimakade uyakuphuma njengeqhawe,
njengendoda yempi,
uyakuvusa ukushisekela kwakhe,
uyakumemeza ngezwi lokunqoba,
akhuze isiqubulo sempi
aziqonele izitha zakhe.
14“Sengithule isikhathi eside;
ngizibambile ngathula.
Sengizokhala njengowesifazane ebeletha,
ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye.
15Ngiyakuchitha izintaba namagquma kube yize,
ngomise konke okumile kukho,
ngiyokwenza imifula ibe yiziqhingi,
ngishise amachibi.
16Izimpumputhe ngiyozihambisa
ngendlela ezingayaziyo,
ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo,
ngiyophendula ubumnyama
bube ngukukhanya phambi kwazo,
amagebhugebhu ahlelembeke,
lezi zinto engiyozenza,
angiyukuyeka ngingazenzi.
17Bayakubuyiselwa emuva,
bajabhe nokujabha labo abethembela
ezithombeni ezibaziweyo,
abathi ezithombeni ezibunjiweyo:
‘Ningonkulunkulu bethu.’
18“Yizwani nina zithulu;
bhekani nina zimpumputhe,
ukuze nibone.
19Ngubani oyimpumputhe
ngaphandle kwenceku yami,
nesithulu njengesithunywa sami
engiyosithuma na?
Ngubani oyimpumputhe njengozinikele kimi,
noyimpumputhe njengenceku kaSimakade na?
20Ubonile izinto eziningi,
kodwa awuqaphelanga;
nezindlebe zakho zivulekile,
kodwa awuzwanga.”
21Kwaba kuhle kuSimakade
ngenxa yokulunga kwakhe,
ukuba aphakamise umthetho wakhe,
awenze uhlonipheke.
22Kodwa laba bangabantu abaphuciweyo baphangwa;
bonke bacushwe emigodini,
bafihlwa emajele;
bangabokuphangwa,
akekho obasindisayo,
bayimpango,
akekho nothi:
“Buyisa.”
23Ngubani phakathi kwenu
oyobeka indlebe kulokhu,
aqaphele, ezwe okwesikhathi esizayo na?
24Ngubani owanikela uJakobe
ukuba aphangwe,
no-Israyeli kubaphangi na?
Akusiye yini uSimakade lona esonile kuye,
abangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe,
nokulalela umthetho wakhe na?
25Wathela phezu kwakhe
ukufutheka kwentukuthelo yakhe,
nesihluku sempi;
kwavutha nxazonke,
kodwa akaqondanga;
kwashisa,
nokho akazange
akubeke enhliziyweni yakhe.
Currently Selected:
U-Izaya 42: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.