YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 15

15
UJesu Ungumvini Oyiwona Wona
1“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi. 2 Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu. 3 Nina senihlanzekile ngenxa yezwi engilikhulume kini. 4 Hlalani kimi, nami kini. Njengokuba igatsha lingezithele izithelo ngokwalo, kuphela uma lisemvinini, kanjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.
5 “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. Ohlala kimi, nami kuye, lowo-ke uthela izithelo eziningi, ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. 6 Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe. 7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. 8 UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.
9“Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. 10 Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.
11 “Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.”
Umyalo Wokuthandana
12 “Yilo umyalo wami wokuba nithandane njengalokho nami nginithandile. 13 Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe. 14 Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho. 15Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona. 16 Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona. 17Nginiyala ngalezo zinto ukuze nithandane.”
Ukuzondwa Yizwe
18 “Uma izwe linizonda, yazini ukuthi langizonda ngaphambi kwenu. 19 Ukuba beningabezwe, izwe belizakunithanda ngokuba ningabalo, kodwa lokhu ningesibo abalo, kodwa nganikhetha Mina ezweni, kungakho izwe linizonda. 20 Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu. 21 Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo. 22 Uma bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje abanazaba ngesono sabo. 23 Ozonda Mina, uzonda noBaba. 24 Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba. 25 Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’
26 “Lapho esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba; uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguYena oyakufakaza ngami. 27 Nani niyakufakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.”

Currently Selected:

NgokukaJohane 15: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in