YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 2

2
Umshado EKhana EGalile
Isibonakaliso Sokuqala SikaJesu
1Kwathi ngosuku lwesithathu, kwaba khona umshado eKhana eGalile. Unina kaJesu wayekhona lapho. 2UJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. 3Kwathi sekuphele iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Abanalo iwayini.”
4UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.”
5Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.”
6Kwakukhona lapho izimbiza eziyisithupha ezazenziwe ngamatshe, zibekwe ngokwesiko labaJuda lokugeza izandla. Imbiza ngayinye yayimumatha umthamo othi awube yizilinganiso ezimbili noma ezintathu.
7UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi.”
Zazigcwalisa.
8Wayesethi kuzo: “Cakulani manje, nihambise kumphathi wokudla.”
Zahambisa-ke. 9Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, kodwa engazi ukuthi livela kuphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazi, wabiza umyeni. 10Wathi kuye: “Wonke umuntu ukhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi uma abantu sebephuze kakhulu, akhiphe elibi, kodwa wena ugcine iwayini elimnandi kuze kube manje.”
11 Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.
12 Emva kwalokho, wehlela eKhaphernawume: Yena nonina nabafowabo nabafundi bakhe, bahlala lapho izinsukwana ezimbalwa.
UJesu Uhlanza Ithempeli
(Mat. 21:12-13; Mak. 11:15-17; Luk. 19:45-46)
13 Lase lisondele iPhasika labaJuda, uJesu wenyukela eJerusalema. 14Wafumana ethempelini ababethengisa ngezinkomo, ngezimvu nangamajuba, abanye behlezi beshintsha imali. 15Wayesephotha inkalivasi ngezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, izimvu nezinkomo; wasakaza imali yabashintshisayo, wagumbuqela amatafula. 16Wathi kulabo abathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengiselana.”
17 Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi:
“Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.”
18 Ngakho-ke abaJuda bambuza, bathi: “Usibonisa sibonakaliso sini ngokwenza lokhu na?”
19 UJesu waphendula, wathi kubo: “Dilizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”
20AbaJuda bathi kuye: “Leli thempeli lathatha iminyaka engama-46 lakhiwa, wena uthi uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?”
21Kepha uJesu wayekhuluma ngethempeli elingumzimba wakhe. 22 Ngakho-ke kuthe esevusiwe kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho. Bakholwa ngumbhalo nayizwi uJesu ayelikhulumile.
UJesu Uyabazi Ubunjalo Bomuntu
23Kwathi uJesu eseJerusalema ngoMkhosi wePhasika, abaningi bakholwa egameni lakhe lapho bebona izibonakaliso azenzayo. 24Kepha uJesu akazange abethembe, ngokuba wayebazi bonke ubunjalo babo. 25 Wayengadingi futhi ukuba atshelwe ngomuntu, lokhu wayekwazi okungaphakathi kumuntu.

Currently Selected:

NgokukaJohane 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in