YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 12

12
UJobe Uphendula Inkulumo Yokuqala KaZofari
1UJobe waphendula, wathi:
2 “Akuthandabuzwa ukuthi yini nodwa abantu,
nokuhlakanipha kuyofa nani.
3 Kepha nami nginengqondo njengani,
aningedluli ngalutho.
Ngubani ongazazi izinto ezinjengalezi na?
4 Sengiyinhlekisa kumngani wami,
mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule;
umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.
5Labo abahleli kahle
bayibukela phansi ingozi,
ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.
6 Amathende abaphangi anokuthula,
abachukuluza uNkulunkulu balondekile,
labo abaletha onkulunkulu babo
ngezandla zabo.
7Kepha ake ubuze izilwane,
zizokufundisa,
nezinyoni zezulu, ukuze zikutshele.
8Khuluma kuwo umhlaba,
ukuze ukufundise,
nasezinhlanzini zolwandle
ukuze zikulandise.
9 Ngubani phakathi kwabo bonke laba,
ongazi ngakho konke lokho
ukuthi isandla sikaSimakade
sikwenzile lokhu na?
10 Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo
yakho konke okuphilayo,
kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.
11 Indlebe ayiwahloli yini amazwi,
nolwanga alukunambithi yini ukudla na?
12 Ukuhlakanipha kutholakala ezimpungeni,
nangobude bezinsuku kwabanokuqonda.
13 “Ukuhlakanipha namandla kukuye,
amasu nokuqonda kungokwakhe.
14 Yena uma ebhidliza,
akekho ongakha kabusha,
uma evalela umuntu,
akekho ongamvulela.
15 Uyawavimba amanzi, ashe,
awathumele agumbuqele umhlaba.
16 Amandla nokuhlakanipha okungqokolo kungokwakhe,
oduka endleleni
nalowo omdukisayo bangabakhe.
17 Uyaphuca abeluleki ukuhlakanipha,
enze abehluleli babe yiziwula.
18 Uthukulula izintambo zamakhosi,
awabophe ngebhande ezinkalweni zawo.
19 Ugodukisa abaphristi bengenalutho,
athele phansi othulini izikhulu.
20 Uyazithulisa izindebe zabathembekileyo,
aphuce amalunga ukuqonda.
21 Uthela izikhulu ngehlazo,
athukulule amabhande abanamandla.
22 Wembula izinto ezijulileyo ebumnyameni,
aveze obala izinto ezisebumnyameni obukhulu.
23 Wenza izizwe zibe zinkulu,
bese ezibhubhisa,
ukhulisa izizwe,
bese ezihlakaza.
24 Uphuca abaholi bezizwe zomhlaba ukuqonda,
abahlwathizise lapho kungekho ndlela khona,
ehlane, kwahlongasibi.
25 Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya,
ubabhamazelisile njengezidakwa.”

Currently Selected:

UJobe 12: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in