YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 30

30
Inkulumo Yokugcina KaJobe Isaqhubeka
1 “Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka,
oyise engangingeke ngibabeke phakathi
kwezinja ezelusa izimvu zami.
2Ngingazuzani emandleni ezandla zabo,
njengoba sebentekenteke na?
3Bondile ngenxa yokweswela nangendlala,
sebeququda okomileyo,
nomhlabathi oliqwaqwasi,
4bakha imifino ebabayo ehlozini,
badle amagonsi.
5Bayaxoshwa emphakathini,
abantu bamemeza emva kwabo
sengathi kusemva kwamasela.
6Bahlala ezigodini ezesabekayo,
emihumeni nasemaweni.
7Babhonga phakathi kwezihlahla,
babuthane phansi kwembabazane,
8bangabantwana beziwula,
abantwana babantu abangenagama,
bayashaywa, baxoshwe ezweni.
9 “Manje sengiphenduke ingoma yabo yokubhinqa,
impela sengiyisaga sabo.
10 Bayangenyanya, bamela kude nami,
abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11 Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile,
wangithobisa,
sebenza noma yini abayifisayo kimi.
12 Ngakwesokunene sami,
kuvuke uquqaba lwangihlasela,
lwangenza ngabaleka;
lufuna ukungibhubhisa.
13 Luvimba endleleni yami
ukuze luzuze ngokubhujiswa kwami,
akukho namunye oluvimbayo.
14Lungithelekela ngokungathi, kuvuleke isikhala esikhulu
phakathi kwencithakalo.
15 Ngikhungethwe yingebhe;
udumo lwami luxoshwa
sengathi lupheshulwa ngumoya,
impumelelo yami inyamalele njengefu.
16 “Manje umphefumulo wami
uyalila ngaphakathi kwami,
izinsuku zosizi zingibambile.
17 Ubusuku bugwaza amathambo ami
awohloke kimi;
nobuhlungu obungidlayo abupheli.
18 Ngamandla akhe amakhulu,
ubambe ingubo yami,
ungibambe ngentamo yesembatho sami.
19 Ungiphonse odakeni,
sengifana nothuli nomlotha.
20 “Ngikhala kuwe,
kodwa awungiphenduli,
ngimi lapha,
kepha awunginaki.
21 Usungiphendukele,
waba nonya kimi;
uyangihlukumeza ngamandla esandla sakho.
22 Ungiphakamisele emoyeni,
wangikhweza kuwo,
wangiphonsa le nale
ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23 Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni
nasendlini okubuthanela kuyo
bonke abaphilayo.
24 “Impela umuntu akayukumfulathela owentulayo
lapho esekuhluphekeni,
ekhala ecela usizo.
25 Angimkhalelanga yini
ozinsuku zakhe zinzima na?
Umphefumulo wami
awubahawukelanga yini abampofu na?
26 Lapho ngilindele okuhle,
kwafika okubi,
ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
27 Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, azithuli;
ngihlangabezana nezinsuku zosizi.
28 Sengize ngaba mnyama,
kodwa ngingashiswa langa,
ngimi ebandleni,
ngikhala ngicela usizo.
29 Sengingumfowabo wamakhanka,
nomngani wezintshe.
30 Isikhumba sami sesimnyama,
siyaxebuka;
amathambo ami ayavutha ngukushisa.
31 Ihabhu lami seliphenduke isililo,
nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.”

Currently Selected:

UJobe 30: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in