YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 13

13
UJesu Ufundisa Ngokuphenduka
1Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile ababikela uJesu ngabaseGalile, abagazi labo uPilatu ayelixube nelemihlatshelo yabo. 2Waphendula wathi kubo: “Nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni kunabo bonke yini abanye baseGalile, ngokuba behlelwa yilowo mshophi na? 3Ngithi kini: akunjalo, kodwa uma ningaphenduki, niyakubhubha nonke njengabo. 4Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na? 5Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.”
Umzekeliso Ngomkhiwane Ongatheli
6Wayesebalandisa lo mzekeliso wathi: “Umuntu othile wayetshale umkhiwane esivinini sakhe. Waya kuwo efuna isithelo sawo, kepha akafumananga lutho. 7Wayesethi kosebenza esivinini: ‘Phela sekuyiminyaka emithathu ngifika ngizofuna amakhiwane kulo mkhiwane, kodwa ngingatholi lutho. Ngakho-ke wunqume: kungani ulokhu ugugisa umhlabathi na?’
8“Kepha waphendula, wathi: ‘Nkosi, ake uwuyeke nakulo nyaka, ngize ngimbe umhlabathi emaceleni awo, ngithele umquba; 9mhlawumbe ungase uthele ngonyaka ozayo, kodwa-ke uma kungenjalo, uyowunquma.’ ”
UJesu Uphilisa Owesifazane Onomoya Omubi
10UJesu wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. 11Lapho kwakukhona owesifazane owayenomoya omubi usumgulise iminyaka eli-18; wayeseze waqhotha, engasakwazi ukuma aqonde. 12UJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, usuphilisiwe ekuguleni obunakho.”
13Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu.
14 Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.”
15Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Bazenzisi, yilowo nalowo kini kayikhiphi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe esibayeni, ayiqhube ukuba iyophuza na? 16Bekungafanele yini-ke lo oyindodakazi ka-Abhrahama, obeboshwe nguSathane, iminyaka eli-18, ukuba akhululwe kulokho kuboshwa ngosuku lwesabatha na?”
17Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye, kepha isixuku sonke sathokoza ngenxa yemisebenzi yonke emangalisayo ayenzileyo.
Umzekeliso Ngombuso KaNkulunkulu
(Mat. 13:31; Mak. 4:30)
18Ngakho-ke uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ungafaniswa nani na? 19Ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu, waluhlwanyela ensimini yakhe; lwamila, lwaba yisihlahla; izinyoni zezulu zakhela emagatsheni aso.”
20Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ungafaniswa nani na? 21Ufana nemvubelo eyathathwa ngowesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”
22UJesu wahamba phakathi kwemizi nemizana efundisa, esendleleni, elibhekise eJerusalema.
23Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana yini abasindiswayo na?”
UJesu wathi kubo: 24 “Phikelelani ukungena ngomnyango omncane. Ngokuba ngithi kini: baningi abayakufuna ukungena, kodwa behluleke. 25 Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’
26“Kulapho niyakuqala khona, nithi: ‘Sasidla, siphuza nawe, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’
27 “Kepha yena uyakuthi: ‘Ngithi kini: anginazi ukuthi nivela kuphi. Sukani kimi nina nonke, benzi bobubi.’ ”
28 “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, uma senibona u-Abhrahama, u-Isaka, uJakobe, nabaphrofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kodwa nina nikhishelwe phandle. 29 Bayakufika bevela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; bonke bahlale esidlweni embusweni kaNkulunkulu. 30 Bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala, bakhona nabokuqala abayakuba ngabokugcina.”
UJesu Ukhalela IJerusalema
31Ngaleso sikhathi kweza kuJesu, abanye babaFarisi bathi kuye: “Suka, uhambe lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”
32UJesu wathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi: ‘Ngikhipha amadimoni, ngiphilise abagulayo, namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ 33Nokho kumele ukuba namuhla nakusasa nangomhlomunye ngihambe, ngokuba akunakwenzeka ukuba umphrofethi afele ngaphandle kwaseJerusalema.
34 “Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga. 35 Indlu yenu isele iyinxiwa kini, kodwa ngithi kini: anisoze nangibona, kuze kube mhla nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

Currently Selected:

NgokukaLuka 13: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in