YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 23

23
UJesu Ephambi KukaPilatu NoHerode
(Mat. 27:1; Mak. 15:1; Joh. 18:28)
1Kwasuka lonke uquqaba lwamqhuba uJesu, lwamyisa kuPilatu. 2Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.”
3UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”
Wamphendula wathi: “Kusho wena.”
4UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.”
5Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.”
UJesu Uphambi KukaHerode
6UPilatu esezwa lokho wabuza ukuthi lo muntu ungowaseGalile yini na? 7Esezwile ukuthi uvela esifundeni sikaHerode, wamdlulisela kuHerode owayeseJerusalema ngalezo zinsuku. 8 UHerode lapho ebona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efisa ukumbona, lokhu wayesezwile ngaye futhi enethemba lokuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguJesu. 9UHerode wambuza ngokuningi, kodwa kamphendulanga ngalutho. 10Abaphristi abakhulu nezazimthetho babemile, belokhu bephikelele bemmangalela. 11Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. 12Ngalolo lusuku uPilatu noHerode baba ngabangani, njengokuba phambilini kwakukhona ubutha phakathi kwabo.
UJesu Ugwetshwa Ukuba Abulawe
13UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu, 14wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo. 15Kanjalo noHerode, ngokuba umbuyisele lapha kithi. Akenzanga lutho olufanele isigwebo sokufa. 16Ngakho-ke ngiyakumshaya, bese ngimkhulula.”
17UPilatu kwakumele abakhululele isiboshwa sibe sinye ngoMkhosi wePhasika.
18Kepha bamemeza ngazwi linye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBharabha.”
19UBharabha wayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu emzini, nangenxa yokubulala.
20UPilatu wakhuluma futhi kubo efuna ukumkhulula uJesu, 21kodwa bamemeza, bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!”
22Ngokwesithathu uPilatu, wathi kubo: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angitholanga cala kuye elifanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngizomshaya, bese ngimkhulula.”
23Kepha bamcindezela bememeza kakhulu, befuna ukuba abethelwe. Kwaphumelela ukumemeza kwabo. 24UPilatu wayesenquma ukuba kwenziwe lokho abakufunayo. 25Wamkhulula lowo owayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu nokubulala, ababemcelile, kodwa uJesu wamnikela kubo njengokuthanda kwabo.
UJesu Ubethelwa Esiphambanweni
(Mat. 27:33; Mak. 15:22; Joh. 19:17)
26Kuthe besahamba naye uJesu, babamba uSimoni othile waseKhurene, owayevela emakhaya. Bametshathisa isiphambano walandela emuva kukaJesu. 27Kwakulandela isixuku esikhulu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bekhihla isililo. 28Kepha uJesu waphendukela kubo, wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli Mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. 29Ngokuba izinsuku ziyeza abayakuthi ngazo: ‘Zibusisiwe izinyumba nezibeletho ezingazalanga, namabele angancelisanga.’ 30 Khona
“bayakuqala bathi ezintabeni:
‘Welani phezu kwethu,’
nasemagqumeni, bathi: ‘Sisibekeleni.’
31“Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakuba njani-ke kowomileyo na?”
32Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, ezaziqhutshwa ukuba ziyobulawa kanye naye. 33Kuthe sebefikile endaweni okuthiwa iKhanda, bambethela lapho uJesu nezelelesi, esinye singakwesokunene esinye singakwesokhohlo. 34 UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.”
Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.
35 Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.”
36 Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini, 37ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.”
38Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA.
39Esinye sezelelesi esasiphanyekiwe, samhlambalaza sathi: “Wena awusiye yini uKhristu na? Zisindise kanye nathi.”
40Kepha esinye saphendula, sasithethisa sathi: “Kanti awumesabi yini uNkulunkulu, ingani nawe uthole isigwebo esifanayo na? 41Thina kusifanele, ngokuba sijeziselwa izenzo zethu, kepha lo akenzanga lutho olubi.”
42Sase sithi: “Jesu, uze ungikhumbule uma usufike embusweni wakho.”
43Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namuhla uzakuba nami ePharadisi.”
Ukufa KukaJesu
44Kwathi ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 45 Ilanga lafiphala, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. 46 UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.”
Esekushilo lokho, wafa.
47Kwathi induna yekhulu isikubonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Ngempela lo muntu ube ngolungileyo.”
48Zonke izixuku ezazibuthene lapho zibukela lesi sehlakalo, kuthe sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emakhaya, zidangele. 49 Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezi zinto.
Ukubekwa Kwesidumbu SikaJesu Ethuneni
(Mat. 27:57; Mak. 15:42; Luk. 23:50)
50Kwakukhona indoda igama layo kunguJosefa, iyilungu lomphakathi, iqotho, futhi ilungile. 51Yona yayingahambisani necebo nesenzo sabo. Yayivela e-Arimatheya, umuzi wabaJuda; yayilinde ukufika kombuso kaNkulunkulu. 52Yaya kuPilatu yayocela isidumbu sikaJesu. 53Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. 54Kwakulusuku lokulungiselela, futhi sekuzoqala isabatha.
55Abesifazane ababehamba noJesu bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. 56 Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.

Currently Selected:

NgokukaLuka 23: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in