YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 129

129
Mabajabhiswe Abazonda IZiyoni
Ihubo lokukhuphuka
1Bangihluphe kakhulu,
kusukela ebusheni bami,
makasho njalo u-Israyeli.
2Bangihlupha kakhulu,
kodwa abangehlulanga.
3Kwaphambana imivimbo emhlane wami,
kwangathi yimisele edatshulwe ngabalimi ensimini.
4USimakade ulungile,
uzinqumile izintambo zezikhohlakali.
5Mabajabhiswe,
babuyiselwe emuva
bonke abazonda iZiyoni.
6Mabafane notshani ophahleni,
obubuna bungakakhuli.
7Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe,
nobopha izinyanda, izingalo zakhe.
8Abadlulayo mabathi:
“Isibusiso sikaSimakade masibe phezu kwenu;
siyanibusisa egameni likaSimakade.”

Currently Selected:

AMahubo 129: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for AMahubo 129