YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 20

20
Abakwa-Israyeli Bakhulekela Inkosi Yabo
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide
1USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko.
Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.
2Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele,
akweseke eseZiyoni.
3Makayikhumbule yonke iminikelo yakho,
awemukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela
4Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho,
afeze zonke izinhloso zakho.
5Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho,
siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu.
USimakade makaphumelelise konke okucelayo.
6Manje sengiyaqonda
ukuthi uSimakade uyamsindisa
ogcotshiweyo wakhe:
uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele
ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene.
7Abanye bagabe ngezinqola zempi,
abanye ngamahhashi,
kodwa thina sethembele egameni likaSimakade
uNkulunkulu wethu.
8Bayowa bashaye ngamadolo phansi,
kepha thina siyovuka, sime.
9Sindisa, Simakade!
INkosi mayisiphendule
ngosuku lokukhala kwethu.

Currently Selected:

AMahubo 20: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for AMahubo 20