YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 41

41
Umkhule Wokucela Ukuphiliswa
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide
1Ubusisiwe onakekela ohluphekayo,
uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko.
2USimakade uyomlondoloza, amgcine ephila;
uyobusiswa ezweni.
Akayukumnikela ezifisweni zezitha zakhe.
3USimakade uyakumsimamisa okhukhweni lokufa,
amphilise kuzona zonke izifo zakhe.
4Mina ngithi:
“Simakade, yiba nomusa kimi,
uphulukise umphefumulo wami,
ngokuba ngonile kuwe.”
5Izitha zami zihambe
zikhuluma okubi ngami, zithi:
“Uzofa nini, igama lakhe
lingabe lisaphathwa na?”
6Uma kukhona ozongibona,
ukhuluma amanga ngami.
Unqwabela okubi enhliziyweni yakhe,
aphume akhulume ngakho.
7Bonke abangizondayo bahlangana ngami,
bahlebelane ngami,
bengisongela, bethi:
8“Sengathi angavelelwa ngokukhulu,
alale angabe esavuka.”
9Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba,
ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele.
10Kepha Wena Simakade, ngihawukele, ungilulamise,
ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami.
11Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda,
ukuze isitha sami singaqhoshi ngami.
12Mina uyakungigcina ngiqotho,
ungihlalise ebukhoneni bakho
kuze kube phakade.
13Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli,
kusukela phakade kuze kube phakade.
Amen, Amen.

Currently Selected:

AMahubo 41: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for AMahubo 41