AMahubo 68
68
Ukunqoba KukaNkulunkulu Ka-Israyeli
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo
1Makavuke uNkulunkulu,
izitha zakhe zihlakazeke,
labo abamzondayo babaleke phambi kwakhe.
2Njengokuphephuka komusi,
nokuncibilika kwengcina phambi komlilo,
bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.
3Kepha abalungileyo mabajabule,
bethabe phambi kukaNkulunkulu,
bathokoze nokuthokoza.
4Hubelani uNkulunkulu, nidumise igama lakhe,
lowo ogibela amafu, nimenzele indlela,
igama lakhe nguSimakade,
yethabani phambi kwakhe.
5UnguYise wezinkedama,
nomvikeli wabafelokazi;
unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.
6UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini,
akhulule iziboshwa bese zinethezeka,
abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.
7Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho
phambi kwabantu bakho,
ekudabuleni kwakho ihlane,
8umhlaba wazamazama,
izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu,
neSinayi yazamazama phambi kukaNkulunkulu,
uNkulunkulu ka-Israyeli.
9Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu;
ifa lakho selehlulekile, waliqinisa.
10Ibandla lakho lakha kulo, ngobuhle bakho,
wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.
11INkosi ikhiphe izwi,
isixuku esikhulu sabesifazane sabika
indaba ejabulisayo.
12Amakhosi ahola izimpi acela empunzini,
athi galo yephuka.
Abesifazane abasekhaya babelana impango,
13noma belala ezibuyeni,
kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva,
izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.
14Ngesikhathi uSomandla ehlakaza amakhosi lapho,
kwakhithika iqhwa eZalimoni.
15Intaba kaNkulunkulu yintaba iBhashani;
intaba eneziqongo.
16Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka,
niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu
athanda ukuhlala kuyo na?
Yebo, uSimakade uzohlala kuyo
kuze kube phakade.
17Izinqola zempi zikaNkulunkulu ezinamandla
eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,
izinkulungwane ngezinkulungwane
iNkosi iphakathi kwazo,
iSinayi isendaweni engcwele.
18Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo,
wapha abantu izipho,
nakulabo abebehlubukile,
ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.
19Mayibongwe iNkosi esithwalela imithwalo yethu
imihla ngemihla,
uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela
20UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu okhululayo,
ukukhulula ekufeni kungokukaSimakade, iNkosi.
21Kepha uNkulunkulu uzophohloza
amakhanda ezitha zakhe,
ukhakhayi lwalowo onesihluthu
ohamba ezindleleni zokona kwakhe.
22INkosi yathi:
“Ngizobabuyisa bevela eBhashani,
ngibabuyise bevela ekujuleni kolwandle,
23ukuze ugeze izinyawo zakho egazini,
nezilimi zezinja zakho zibe nesabelo ezitheni.”
24Nkulunkulu, abantu bayibonile inhlabaluhide
iya endlini engcwele,
izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami.
25Phambili kuhamba abahlabeleli,
emuva abashaya ugubhu,
phakathi yizintombi ezishaya izigubhu.
26Bongani uNkulunkulu ebandleni elikhulu;
Simakade, Wena ungumthombo ka-Israyeli.
27Nango uBhenjamini ongomncinyane
kubo bonke, uyababusa,
izikhulu zakwaJuda zingumzimba,
nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.
28UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho,
qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona.
29Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema,
amakhosi ayokulethela izipho.
30Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni,
imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe,
ukuze beze bakukhothamele bonke,
bethule kuwe izinhlamvu zesiliva,
uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa.
31Izikhulu ziyakuvela eGibhithe,
amaKhushe ayakwelulela ngokushesha
izandla zawo kuNkulunkulu.
32Nina mibuso yomhlaba, mhubeleni uNkulunkulu,
nidumise iNkosi,
33yona ekhwela phezu
kwamazulu aphezulu asendulo,
iyezwakalisa izwi layo,
izwi elinamandla.
34Nikani uNkulunkulu amandla,
ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli,
amandla akhe asemafini.
35Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele,
uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha
amandla nezikhwepha.
Makadunyiswe uNkulunkulu.
Currently Selected:
AMahubo 68: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.