KuThithu 1
1
Isibingelelo
1 UPawula, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Khristu, ngenxa yokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nangokulazi iqiniso eliholela ekumesabeni uNkulunkulu, 2 nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade, 3 okuthe ngesikhathi esifaneleyo walibonakalisa izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswa ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu. 4 KuThithu, umntanami, ngokweqiniso ekukholweni esikuhlanganyele sonke: makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu uMsindisi wethu.
Umsebenzi KaThithu EKhrethe
5 Ngakushiya eKhrethe ngenhloso yokuba uqondise obekusasele, futhi njengalokhu ngakuyala, uqoke amalunga kuyo yonke imizi, 6 uma kungumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo, abangasoleki ngokungabi nasimilo nangokungalaleli. 7 Ngokuba kubalulekile ukuba umphathi abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, angabi ngoziqhenyayo, oshesha ukuthukuthela, oyinkolotshe, oyisidlova, ohahela inzuzo embi. 8Kepha makabe ngophanayo kuzo izihambi, othanda okuhle, onengqondo, oqotho, ongcwele, ozithibayo, 9 obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo. 10 Ngokuba baningi abamelene neqiniso, abakhuluma okuyize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka, 11 okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi. 12 Omunye wabo, umphrofethi wakubo, wathi:
“AbaseKhrethe bangabaqambimanga njalo,
izilwane ezimbi, neziminzi ezivilaphayo.”
13 Lobo bufakazi buqinisile. Ngalokho-ke bakhuzisise, ukuze baphile ekukholweni, 14 benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso. 15 Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo. 16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.
Currently Selected:
KuThithu 1: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.