YouVersion Logo
Search Icon

1 kaJohane 1

1
1 kaJohane 1
1Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila;
2(Ngokuba ukuphila kwabonakaliswa, futhi sikubonile, futhi siyafakaza, futhi sinibikela ukuphila okuphakade, okwakunoBaba, futhi kwabonakaliswa kithi;)
3Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi;
4Lezizinto sinibhalela zona, ukuze intokozo yenu igcwale.
5Yilo-ke umbiko esalizwa kuye, esinishumayeza wona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
6Uma sithi sinenhlanganyelo naye, kepha sihamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso;
7Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena esekukhanyeni, sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu Kristu iNdodana yakhe liyasihlambulula kuso sonke isono.
8Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.
9Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
10Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.

Currently Selected:

1 kaJohane 1: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in