YouVersion Logo
Search Icon

Amahubo 32

32
Amahubo 32
Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe
1Ihubo likaDavide uMaskili. Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisitshekelwe.
2Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli ububi futhi okungekho nkohliso emoyeni wakhe.
3Lapho ngithule, amathambo ami aguga ngenxa yokubhonga kwami usuku lonke.
4Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami; umswakama wami waphenduka ukoma kwasehlobo. Sela.
5Ngasivuma isono sami kuwe, kangibufihlanga ububi bami. Ngathi: Ngifuna ukuzivuma iziphambeko zami kuJehova; futhi wathethelela ububi besono sami. Sela.
6Ngenxa yalokhu bonke abangcwele bayakukhuleka kuwe ngesikhathi sokufunyanwa kwakho; impela, emifuleni yamanzi amaningi abayikusondela kuye.
7Wena uyisiphephelo sami; Uzangivikela ekuhluphekeni; Uzongihaqa ngezihlabelelo zensindiso. Sela.
8Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.
9Ningabi njengehhashi noma njengomnyuzi ongenangqondo; abamlomo wabo umelwe ukuboshwa ngokuluma namatomu, funa beze kuwe.
10Ziningi izinsizi zomubi, kepha othembela kuJehova, umusa uyakumhaqa.
11Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke eniqotho ngenhliziyo.

Currently Selected:

Amahubo 32: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for Amahubo 32