1
NgokukaJohane 6:35
IsiZulu 2020
UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma.
താരതമ്യം
NgokukaJohane 6:35 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
2
NgokukaJohane 6:63
NguMoya ongophilisayo, inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya, futhi angukuphila.
NgokukaJohane 6:63 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
3
NgokukaJohane 6:27
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”
NgokukaJohane 6:27 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
4
NgokukaJohane 6:40
Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”
NgokukaJohane 6:40 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
5
NgokukaJohane 6:29
UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.”
NgokukaJohane 6:29 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
6
NgokukaJohane 6:37
Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.
NgokukaJohane 6:37 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
7
NgokukaJohane 6:68
USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.
NgokukaJohane 6:68 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
8
NgokukaJohane 6:51
Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”
NgokukaJohane 6:51 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
9
NgokukaJohane 6:44
Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.
NgokukaJohane 6:44 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
10
NgokukaJohane 6:33
Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”
NgokukaJohane 6:33 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
11
NgokukaJohane 6:48
Mina ngiyisinkwa sokuphila.
NgokukaJohane 6:48 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
12
NgokukaJohane 6:11-12
Ngakho-ke uJesu wathatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehleli lapho, wenza kanjalo futhi nangezinhlanzi, njengokuthanda kwabo. Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”
NgokukaJohane 6:11-12 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
13
NgokukaJohane 6:19-20
Kuthe sebegwedle ibanga elingaba ngamastadiyu angama-25 noma angama-30, bambona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. Kepha wathi kubo: “YiMina, ningesabi.”
NgokukaJohane 6:19-20 പര്യവേക്ഷണം ചെയ്യുക
ഭവനം
വേദപുസ്തകം
പദ്ധതികൾ
വീഡിയോകൾ