NgokukaLuka 22

22
IWundlu LePhasika
(Mat. 26:1; Mak. 14:1)
1 Wawususondele umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, okuthiwa yiPhasika. 2Abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna iqhinga lokuthi bangambulala kanjani uJesu, ngokuba babesaba abantu.
Umvuzo Wokukhaphela UJesu
(Mat. 26:14; Mak. 14:10)
3 USathane wangena kuJuda okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabalishumi nambili. 4Wasuka wayobhunga nabaphristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani uJesu kubo. 5Bathokoza, base bevumelana naye ngokumkhokhela imali. 6Wavuma-ke, wayesefuna ithuba lokumkhaphela, singekho isixuku.
Ukumiswa Kwesidlo Esingcwele
(Mat. 26:17; Mak. 14:12; Joh. 13:21)
7Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo, okufanele ukuba kuhlatshwe ngalo iPhasika. 8UJesu wathuma uPhethro noJohane, wathi: “Hambani niyosilungisela iPhasika ukuba sidle.”
9Bathi kuye: “Uthanda ukuba sililungisele kuphi na?”
10Wathi kubo: “Niyothi uma seningenile emzini, nihlangane nomuntu ethwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, 11bese nithi kumninindlu: ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezihambi engingadlela kulo iPhasika nabafundi bami, na?” ’ 12Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elilungisiweyo; lilungiseleni lapho-ke.”
13Sebehambile, bafumana kunjengoba ayeshilo kubo, base belungisela iPhasika.
UJesu Udla Isidlo Nabafundi Bakhe
14Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi esidlweni, nabaphostoli benaye. 15Wayesethi kubo: “Bengilangazelela nokulangazelela okukhulu ukuba ngidle leli Phasika nani ngingakahlupheki. 16Ngokuba ngithi kini: angisayukulidla futhi, kuze kufezeke inhloso yalo embusweni kaNkulunkulu.”
17Wathabatha indebe, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; 18ngokuba ngithi kini, kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike umbuso.”
19 Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
20 Kanjalo-ke wathabatha nendebe sebedlile, wathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. 21 Kepha isandla songikhaphelayo sinami lapha etafuleni. 22Ngokuba iNdodana yomuntu izakufa njengokumisiweyo, kepha maye, kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”
23Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi ngabe ngubani kubo ozakukwenza lokho.
Impikiswano Ngobukhulu
24 Kwaqubuka nempikiswano yokuthi ngubani phakathi kwabo okungathiwa mkhulu. 25 UJesu wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazithwalisa kanzima izizwe, nalabo abayiziphathimandla babizwa ngokuthi ngabenzi bokuhle. 26Kepha akunjalo kinina; kodwa omkhulu kini, makabe njengomncinyane; nongumholi, abe njengesisebenzi. 27 Ngokuba ngubani omkhulu, ngabe ngohleli elindele ukunikwa ukudla noma yisisebenzi esiphakayo na? Akusiye yini ohlezi esidlweni na? Kepha Mina ngiphakathi kwenu njengesisebenzi. 28Nina-ke benilokhu ninami ekulingweni kwami. 29Njengalokhu uBaba enginikile umbuso, nami ngininika wona, 30 ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami. Niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nibuse izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.”
UJesu Ubikezela Ngokuphikwa NguPhethro
(Mat. 26:31; Mak. 14:27; Joh. 13:36)
31 “Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni. 32Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.”
33Kepha wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe ejele nasekufeni.”
34UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”
Isikhwama Semali, Esokwethekela Nenkemba
35 Wayesethi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama semali, nasikhwama sokwethekela, nazicathulo, ngabe kukhona yini enakweswelayo na?”
Bathi: “Qha.”
36Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama semali makasithathe, kanjalo nonesokwethekela; ongenankemba makathengise ngengubo yakhe, ayithenge inkemba. 37 Ngokuba ngithi kini: kufanele ukuba kugcwaliseke lokho okulotshiweyo ngami, ukuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba lokho okulotshiwe ngami, sekuyafezeka.”
38Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”
Wathi kubo: “Kwanele.”
EGetsemane
(Mat. 26:36; Mak. 14:32)
39Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengalokhu kwakungumkhuba wakhe, abafundi bakhe bamlandela. 40Kuthe esefikile lapho, wathi kubo: “Khulekani ukuze ningangeni ekulingweni.”
41Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, 42wathi: “Baba, uma uthanda yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.”
43Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. 44 Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.
45Esesukumile ekukhulekeni, waya kubafundi bakhe, wabafica belele, ngokuba babedabukile kakhulu. 46Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”
Ukuboshwa KukaJesu
(Mat. 26:47; Mak. 14:43; Joh. 18:2)
47Esakhuluma, kwatheleka isixuku siholwa nguJuda, omunye wabali-12, wasondela kuJesu ukuba amange. 48Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”
49Sebebonile ababenoJesu okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle yini ngenkemba na?”
50Omunye othile kubo wagalela inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe yakwesokunene.
51Kepha uJesu waphendula wathi: “Yekani; sekwanele!”
Wayithinta indlebe yayo, wayelapha.
52Wathi uJesu kubaphristi abakhulu, ezinduneni zethempeli, nakumalunga ababeze kuye ukuzombopha: “Niphume niphethe izinkemba nezagila sengathi nize kumphangi na? 53 Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”
UPhethro Uphika UJesu
(Mat. 26:69; Mak. 14:66; Joh. 18:1,25)
54Base bembamba, bahamba naye, bamyisa endlini yomphristi omkhulu. UPhethro walandela ekude. 55Sebewubasile umlilo phakathi negceke, bahlala phansi ndawonye; uPhethro wahlala nabo. 56Intombazana ethile, eyisisebenzi, imbona ehlezi otha umlilo, yamgqolozela, yayisithi: “Impela nalo ubenaye.”
57Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”
58Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.”
Kepha uPhethro, wathi: “Muntundini, angisiye.”
59Sekwedlule isikhathi esingaba yihora, omunye umuntu othile wagcizelela, wathi: “Impela lo ubenaye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”
60Kepha uPhethro wathi: “Muntundini, angazi ukuthi ukhuluma ngani.”
Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. 61INkosi yayisiphenduka, yambheka uPhethro. UPhethro walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba yayithe kuye: “Iqhude lingakakhali namuhla, uzakungiphika kathathu.”
62Waphumela phandle, wakhala kalusizi.
Ukubhinqwa Nokushaywa KukaJesu
(Mat. 26:57; Mak. 14:53; Joh. 18:12)
63Amadoda ayembambile uJesu, ambhinqa emshaya. 64Ammboza ubuso, ambuza athi: “Phrofetha ukuthi ngubani okushayileyo na?”
65Basho nokunye okuningi, bemhlambalaza.
UJesu Uyiswa Esigcawini Somkhandlu
66Kuthe sekusile, kwaqoqana umkhandlu wamalunga abantu, abaphristi abakhulu, nezazimthetho, bamyisa esigcawini somkhandlu wabo omkhulu, 67bathi: “Uma unguKhristu, sitshele.”
Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa; 68noma nginibuza, anisoze naphendula. 69Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”
70Base bembuza bonke, bethi: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu yini na?”
Wathi kubo: “Kusho nina ukuthi ngiyiyo.”
71Bathi: “Pho sisadinga buphi ubufakazi na? Ngokuba sesizizwele thina uqobo ezisholo yena ngowakhe umlomo.”

നിലവിൽ തിരഞ്ഞെടുത്തിരിക്കുന്നു:

NgokukaLuka 22: ZUL20

ഹൈലൈറ്റ് ചെയ്യുക

പങ്ക് വെക്കു

പകർത്തുക

None

നിങ്ങളുടെ എല്ലാ ഉപകരണങ്ങളിലും ഹൈലൈറ്റുകൾ സംരക്ഷിക്കാൻ ആഗ്രഹിക്കുന്നുണ്ടോ? സൈൻ അപ്പ് ചെയ്യുക അല്ലെങ്കിൽ സൈൻ ഇൻ ചെയ്യുക