1
NgokukaLuka 6:38
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
对照
探索 NgokukaLuka 6:38
2
NgokukaLuka 6:45
Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
探索 NgokukaLuka 6:45
3
NgokukaLuka 6:35
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
探索 NgokukaLuka 6:35
4
NgokukaLuka 6:36
Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.
探索 NgokukaLuka 6:36
5
NgokukaLuka 6:37
“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
探索 NgokukaLuka 6:37
6
NgokukaLuka 6:27-28
“Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.
探索 NgokukaLuka 6:27-28
7
NgokukaLuka 6:31
Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.
探索 NgokukaLuka 6:31
8
NgokukaLuka 6:29-30
Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
探索 NgokukaLuka 6:29-30
9
NgokukaLuka 6:43
“Ngokuba akukho muthi omuhle othela isithelo esibi; futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle.
探索 NgokukaLuka 6:43
10
NgokukaLuka 6:44
Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni.
探索 NgokukaLuka 6:44
主页
圣经
计划
视频