Mayelana ne-YouVersion

Ukuhambisana

Ezizukulwaneni ezedlule, ukufinyelela kwabantu kwiBhayibheli kwakuyivelakancane. Namuhla, lokhu akusekho. Kodwa-ke, abantu abaningi abathola i-Bible bacabanga ukuthi umyalezo wayo awusebenzi ezimpilweni zabo. Ngasikhathi sinye, kukhona abanye abakholwa ukuthi kunokuxhumana phakathi kweBhayibheli kanye nokuphila kwabo kwansuku zonke.

Ukuvuselela Ulwazi

Kuleminyaka eyishumi eyedlule, i-Intanethi iye yaletha uguquko olunikeza abantu amandla ngobuningi. Ngamandla okwabelana, ukufaka isandla, ukudala, ukusakaza nokuxhumana, kulula ukuveza ukuthi singobani nokuthi yini esiyikholelwayo emhlabeni jikelele.

I-YouVersion'

Kusukela yaqala ngo-1996, injongo yeLife.Church ibiwukuhola abantu babe abalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. Ngokwenza kanjalo, siye safuna izindlela ezintsha zokusiza abantu baxhumane neBhayibheli ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Izindlela zethu zishintshile ngokuhamba kweminyaka njengoba sihlanganise ubuchwepheshe namasu ahlukahlukene. Kodwa okuyisisekelo, sigxile ekuphatheni okusebenzayo njengoba silwela ukubonisa nokufundisa abantu indlela iZwi likaNkulunkulu elihlobana ngayo nawo wonke umuntu, kungakhathaliseki ukuthi ukuphi ekuphileni. I-YouVersion imele umngcele omusha emizamweni ye-Life.Church. Asakhi nje ithuluzi elithinta umhlaba wonke sisebenzisa ubuchwepheshe obusha, okubaluleke kakhulu, sihlanganisa abantu ebudlelwaneni noNkulunkulu njengoba bethola ukubaluleka kweBhayibheli ezimpilweni zabo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo