Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kwabaseKorinte 5:17

Ukuhlengwa
Izinsuku ezingu-7
IKhathekizimu ephakelayo iwuchungechunge lwemibuzo nezimpendulo ezivumela abantu ukuba bahlole imiBhalo futhi bathole indaba kaNkulunkulu. Yabhalwa ithimba elihlukahlukene lezazi zenkolo nabefundisi besonto futhi yaziswa amakhathekizimu amakhulu omlando. Lena ingxenye yesihlanu kweziyisishiyagalolunye ochungechungeni lweKhathekizimu Lokuphakelayo: Indalo, Ukuwa, Isivumelwano + Umthetho, Ukuzalwa Enyameni, Ukuhlengwa, Umusa + Intethelelo, Umoya Ongcwele, IBandla Nendalo Entsha.

Amazwi kaJesu Esiphambanweni
8 Izinsuku
Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

Ngizinikele ngokugcwele: Isingeniso
Izinsuku eziwu 14
Uyafuna ukukhula ebuhlotsheni bakho noNkulunkulu, uqonde iBhayibheli kangcono, futhi ufunde ukuthi ungamlandela kanjani uJesu ngokwethembeka emhlabeni wethu namuhla? Ngendaba yeBhayibheli njengesiqondiso sethu, masithole amaqiniso futhi sithuthukise amakhono azosisiza sibe abalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. lolu hlelo luyiNgxenye 1 yohambo oluyizingxenye ezingu-9.

UBilly Graham Isizathu Sethemba Lami
Izinsuku ezingu-15
Ithemba Lami I-America noBilly Graham wumzamo kazwelonke owenziwa ngabantu abafana nawe ukuze bafinyelele kubangani babo nabathandekayo babo ngeVangeli likaJesu Kristu. Imibhalo engcwele yansuku zonke nemiyalezo ehambisana nayo ithathwe encwadini yakamuva kaBilly Graham, “Isizathu Sethemba Lami: Insindiso”.

UMbuso Mawuze
Izinsuku ezingu-15
Sizwile ukuthi uJesu unikeza “ukuphila okugcwele” futhi siyasilangazelela lesosipiliyoni. Sifuna leyo mpilo engakolunye uhlangothi loshintsho. Kodwa hlobo luni loshintsho esiludingayo? Futhi sihamba kanjani ngenqubo yokushintsha? EmBusweni Woza uzohlola indlela entsha yokuphila impilo ebheke phansi kanye neyangaphakathi uNkulunkulu asimemela kuyo.