Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 12:2

Ukuthola Inkululeko Encindezweni
izinsuku ezingu 5
Ukucindezeleka kungokoqobo, kodwa akufanele kulawule impilo yakho. NgoKristu, singakuhlela kabusha, sikugxilise kabusha, futhi sikuchaze kabusha. Uma ulwa nengcindezi, hlola lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-5 ukuze ufunde ukuthi ungathola kanjani inkululeko nokuthula.

Izinto Ezibalulekile
izinsuku ezingu 5
Udalelwe ukufeza izinto ezinkulu! Uhlukile ngobuntu bakho, isimilo sakho, amakhono akho, kanye nobudlelwane bakho. Futhi akekho omunye emhlabeni ongaphila impilo yakho futhi afeze okuhle kwakho. Ngakho-ke ungamoshi impilo yakho. Yenza izinto ezibalulekile!

Ukunqoba Impi Engqondweni Yakho
Izinsuku ezingu-7
Iningi lezimpi zempilo liyanqotshwa noma liyalahleka engqondweni. Manje-ke siqala kanjani ukunqoba ezinye zalezo zimpi? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezngu-7 oluvela encwadini keMfundisi u-Craig Groeschel weLife.Church, sizothola indlela yokulwa nemicabango enobuthi, ukunqoba ukucabanga okungalawuleki, futhi siqale ukunqoba impi emiqondweni yethu sisebenzisa iqiniso likaNkulunkulu njengohlelo lwethu lwempi.

Ukuthola Ukuthula
Izinsuku eziwu 10
Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yokuthula okuzoshintsha impilo, ekunika amathuluzi okuxazulula ukuzisola ngosekwadlula, ukubhekana nezinkinga zamanje, nokuthobisa ukwesaba ngekusasa.

Luyini uthando lweqiniso?
Izinsuku eziwu 12
Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.

Okuningi Kokuncane: Umhlahlandlela Wezinto Ezincane Nenjabulo Eyengeziwe
Izinsuku eziwu 14
ImiBhalo ithi izindinganiso zikaNkulunkulu zihlukile kwezezwe. Lokhu kubonakala endabeni yengcebo nemfuyo. “Uma unokuningi, kuba ngcono!” umhlaba uyamemeza. UNkulunkulu uyahleba, “Nganele. Ungafuni injabulo noma ukulondeka kunoma yini enye. Uzoneliseka kakhulu ngokuba nokuncane.” Ukukhuculula, isenzo sokuba nokuncane ngenhloso esimayelana nokuqeda imfuhlumfuhlu. Kunikeza indlela yokuthuthukisa impilo yethu ngaphansi kukaNkulunkulu.