1
1 kaJohane 2:15-16
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.
Qhathanisa
Hlola 1 kaJohane 2:15-16
2
1 kaJohane 2:17
Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
Hlola 1 kaJohane 2:17
3
1 kaJohane 2:6
lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
Hlola 1 kaJohane 2:6
4
1 kaJohane 2:1
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo
Hlola 1 kaJohane 2:1
5
1 kaJohane 2:4
Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye
Hlola 1 kaJohane 2:4
6
1 kaJohane 2:3
Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.
Hlola 1 kaJohane 2:3
7
1 kaJohane 2:9
Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu.
Hlola 1 kaJohane 2:9
8
1 kaJohane 2:22
Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.
Hlola 1 kaJohane 2:22
9
1 kaJohane 2:23
Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.
Hlola 1 kaJohane 2:23
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo