1
1 kaPetru 2:9
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo
Qhathanisa
Hlola 1 kaPetru 2:9
2
1 kaPetru 2:24-25
yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
Hlola 1 kaPetru 2:24-25
3
1 kaPetru 2:10
ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.
Hlola 1 kaPetru 2:10
4
1 kaPetru 2:2
njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa
Hlola 1 kaPetru 2:2
5
1 kaPetru 2:11-12
Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo, nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
Hlola 1 kaPetru 2:11-12
6
1 kaPetru 2:5
nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.
Hlola 1 kaPetru 2:5
7
1 kaPetru 2:1
Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke
Hlola 1 kaPetru 2:1
8
1 kaPetru 2:4
Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu
Hlola 1 kaPetru 2:4
9
1 kaPetru 2:16
njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
Hlola 1 kaPetru 2:16
10
1 kaPetru 2:15
ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula
Hlola 1 kaPetru 2:15
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo