1
Kwabase-Efesu 2:10
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
Qhathanisa
Hlola Kwabase-Efesu 2:10
2
Kwabase-Efesu 2:8-9
Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Hlola Kwabase-Efesu 2:8-9
3
Kwabase-Efesu 2:4-5
Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe
Hlola Kwabase-Efesu 2:4-5
4
Kwabase-Efesu 2:6
wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu
Hlola Kwabase-Efesu 2:6
5
Kwabase-Efesu 2:19-20
Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi
Hlola Kwabase-Efesu 2:19-20
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo