1
U-Isaya 35:10
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.
Qhathanisa
Hlola U-Isaya 35:10
2
U-Isaya 35:3-4
Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo. Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”
Hlola U-Isaya 35:3-4
3
U-Isaya 35:8
Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.
Hlola U-Isaya 35:8
4
U-Isaya 35:5
Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.
Hlola U-Isaya 35:5
5
U-Isaya 35:6
Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.
Hlola U-Isaya 35:6
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo