1
U-Isaya 65:24
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.
Qhathanisa
Hlola U-Isaya 65:24
2
U-Isaya 65:17
“Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.
Hlola U-Isaya 65:17
3
U-Isaya 65:23
Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo.
Hlola U-Isaya 65:23
4
U-Isaya 65:22
Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.
Hlola U-Isaya 65:22
5
U-Isaya 65:20
“Kusukela lapho akusayikuba khona ingane yezinsuku nje nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.
Hlola U-Isaya 65:20
6
U-Isaya 65:25
Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.
Hlola U-Isaya 65:25
7
U-Isaya 65:19
Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.
Hlola U-Isaya 65:19
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo