Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe;
uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.
UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe;
kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.
Bayaphakanyiswa;
emva kwesikhashana abasekho;
bayaphela njengabanye, bafe;
babuna njengezihloko zezikhwebu.