1
AmaHubo 40:1-2
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.
Qhathanisa
Hlola AmaHubo 40:1-2
2
AmaHubo 40:3
Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.
Hlola AmaHubo 40:3
3
AmaHubo 40:4
Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.
Hlola AmaHubo 40:4
4
AmaHubo 40:8
Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
Hlola AmaHubo 40:8
5
AmaHubo 40:11
Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.
Hlola AmaHubo 40:11
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo