Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.” Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.