1
IsAmbulo 21:4
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
Qhathanisa
Hlola IsAmbulo 21:4
2
IsAmbulo 21:5
Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”
Hlola IsAmbulo 21:5
3
IsAmbulo 21:3
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo
Hlola IsAmbulo 21:3
4
IsAmbulo 21:6
Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
Hlola IsAmbulo 21:6
5
IsAmbulo 21:7
Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.
Hlola IsAmbulo 21:7
6
IsAmbulo 21:8
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”
Hlola IsAmbulo 21:8
7
IsAmbulo 21:1
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.
Hlola IsAmbulo 21:1
8
IsAmbulo 21:2
Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.
Hlola IsAmbulo 21:2
9
IsAmbulo 21:23-24
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu. Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo
Hlola IsAmbulo 21:23-24
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo