1
KwabaseRoma 10:9
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa
Qhathanisa
Hlola KwabaseRoma 10:9
2
KwabaseRoma 10:10
ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
Hlola KwabaseRoma 10:10
3
KwabaseRoma 10:17
Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.
Hlola KwabaseRoma 10:17
4
KwabaseRoma 10:11-13
Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.” Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
Hlola KwabaseRoma 10:11-13
5
KwabaseRoma 10:15
Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”
Hlola KwabaseRoma 10:15
6
KwabaseRoma 10:14
Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?
Hlola KwabaseRoma 10:14
7
KwabaseRoma 10:4
Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
Hlola KwabaseRoma 10:4
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo