1
1 KaJohane 1:9
IsiZulu 2020
Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Qhathanisa
Hlola 1 KaJohane 1:9
2
1 KaJohane 1:7
Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
Hlola 1 KaJohane 1:7
3
1 KaJohane 1:8
Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.
Hlola 1 KaJohane 1:8
4
1 KaJohane 1:5-6
Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, abukho nakanye ubumnyama kuye. Uma sithi sinobudlelwane naye, kodwa sibe sisahamba ebumnyameni, siqamba amanga, asikwenzi okuyiqiniso.
Hlola 1 KaJohane 1:5-6
5
1 KaJohane 1:10
Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga uNkulunkulu, futhi nezwi lakhe alikho kithi.
Hlola 1 KaJohane 1:10
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo