1
2 KwabaseKhorinte 4:18
IsiZulu 2020
Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.
Qhathanisa
Hlola 2 KwabaseKhorinte 4:18
2
2 KwabaseKhorinte 4:16-17
Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.
Hlola 2 KwabaseKhorinte 4:16-17
3
2 KwabaseKhorinte 4:8-9
Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali. Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa.
Hlola 2 KwabaseKhorinte 4:8-9
4
2 KwabaseKhorinte 4:7
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.
Hlola 2 KwabaseKhorinte 4:7
5
2 KwabaseKhorinte 4:4
okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
Hlola 2 KwabaseKhorinte 4:4
6
2 KwabaseKhorinte 4:6
Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.
Hlola 2 KwabaseKhorinte 4:6
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo