1
UMshumayeli 5:2
IsiZulu 2020
Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.
Qhathanisa
Hlola UMshumayeli 5:2
2
UMshumayeli 5:19
Wonke umuntu uNkulunkulu amuphe umcebo, nempahla, namandla, makakuthokozele, asamukele isipho sakhe, ajabule ngomshikashika wakhe; lokhu kuyisipho asiphiwe nguNkulunkulu.
Hlola UMshumayeli 5:19
3
UMshumayeli 5:10
Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize.
Hlola UMshumayeli 5:10
4
UMshumayeli 5:1
Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.
Hlola UMshumayeli 5:1
5
UMshumayeli 5:4
Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.
Hlola UMshumayeli 5:4
6
UMshumayeli 5:5
Kungcono ukungasenzi isifungo kunokuba ufunge kodwa ungafezi.
Hlola UMshumayeli 5:5
7
UMshumayeli 5:12
Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo.
Hlola UMshumayeli 5:12
8
UMshumayeli 5:15
Njengalokhu umuntu aphuma enqunu esizalweni sikanina, kanjalo nalapho esehamba, uyohamba enjalo, kukho konke akusebenzile akukho lutho ayohamba nalo esandleni.
Hlola UMshumayeli 5:15
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo