1
UMshumayeli 7:9
IsiZulu 2020
Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.
Qhathanisa
Hlola UMshumayeli 7:9
2
UMshumayeli 7:14
Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.
Hlola UMshumayeli 7:14
3
UMshumayeli 7:8
Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.
Hlola UMshumayeli 7:8
4
UMshumayeli 7:20
Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.
Hlola UMshumayeli 7:20
5
UMshumayeli 7:12
Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.
Hlola UMshumayeli 7:12
6
UMshumayeli 7:1
Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.
Hlola UMshumayeli 7:1
7
UMshumayeli 7:5
Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula.
Hlola UMshumayeli 7:5
8
UMshumayeli 7:2
Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.
Hlola UMshumayeli 7:2
9
UMshumayeli 7:4
Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.
Hlola UMshumayeli 7:4
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo