1
I-Eksodusi 23:25-26
IsiZulu 2020
Niyakumkhonza uSimakade uNkulunkulu wenu, Mina ngiyobusisa ukudla namanzi enu, ngisuse izifo phakathi kwenu. Ezweni lakini akekho owesifazane oyophuphunyelwa yisisu, noma oyoba yinyumba. Ngiyokupha impilo ende.
Qhathanisa
Hlola I-Eksodusi 23:25-26
2
I-Eksodusi 23:20
“Bheka, ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.
Hlola I-Eksodusi 23:20
3
I-Eksodusi 23:22
Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo wenza konke ekutshela khona, ngiyobazonda abakuzondayo, ngibe yisitha sezitha zakho.
Hlola I-Eksodusi 23:22
4
I-Eksodusi 23:2-3
Awuyukulilandela iningi ekwenzeni okungalungile noma lapho wethula ubufakazi ecaleni, awuyukuzihlanganisa neningi ukuze uhlanekezele umthetho. Awuyukukhombisa ukuvuna ompofu ecaleni.
Hlola I-Eksodusi 23:2-3
5
I-Eksodusi 23:1
“Awuyukusabalalisa umbiko ongamanga, awuyukubambisana nababi ukwethula ubufakazi obungamanga.
Hlola I-Eksodusi 23:1
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo