1
NgokukaJohane 14:27
IsiZulu 2020
“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.
Qhathanisa
Hlola NgokukaJohane 14:27
2
NgokukaJohane 14:6
UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Hlola NgokukaJohane 14:6
3
NgokukaJohane 14:1
“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.
Hlola NgokukaJohane 14:1
4
NgokukaJohane 14:26
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
Hlola NgokukaJohane 14:26
5
NgokukaJohane 14:21
“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
Hlola NgokukaJohane 14:21
6
NgokukaJohane 14:16-17
Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade; uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini.
Hlola NgokukaJohane 14:16-17
7
NgokukaJohane 14:13-14
Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngiyakulwenza.
Hlola NgokukaJohane 14:13-14
8
NgokukaJohane 14:15
“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.
Hlola NgokukaJohane 14:15
9
NgokukaJohane 14:2
Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; ukuba bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukuyonilungisela indawo.
Hlola NgokukaJohane 14:2
10
NgokukaJohane 14:3
Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona.
Hlola NgokukaJohane 14:3
11
NgokukaJohane 14:5
UThomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona. Pho singayazi kanjani indlela na?”
Hlola NgokukaJohane 14:5
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo