1
UJoshuwa 1:9
IsiZulu 2020
Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”
Qhathanisa
Hlola UJoshuwa 1:9
2
UJoshuwa 1:8
Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.
Hlola UJoshuwa 1:8
3
UJoshuwa 1:7
Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.
Hlola UJoshuwa 1:7
4
UJoshuwa 1:5
Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.
Hlola UJoshuwa 1:5
5
UJoshuwa 1:6
Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.
Hlola UJoshuwa 1:6
6
UJoshuwa 1:3
Yonke indawo lapho nibeke khona unyawo lwenu, leyo ndawo ngiyakuninika yona njengalokhu ngishilo kuMose.
Hlola UJoshuwa 1:3
7
UJoshuwa 1:2
“Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.
Hlola UJoshuwa 1:2
8
UJoshuwa 1:1
Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi
Hlola UJoshuwa 1:1
9
UJoshuwa 1:4
Kusukela eLebhanoni kuze kube semfuleni omkhulu, umfula iYufrathe, lonke izwe lamaHithi kuze kuyofinyelela olwandle entshonalanga, kuyakuba yizwe lenu.
Hlola UJoshuwa 1:4
10
UJoshuwa 1:18
Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”
Hlola UJoshuwa 1:18
11
UJoshuwa 1:11
“Dabulani enkanjini, niyale abantu ukuba balungise umphako, ngokuba ezinsukwini ezintathu nizowela iJordani, ukuba ningene, nidle izwe uSimakade aninika lona ukuba libe ngelenu.”
Hlola UJoshuwa 1:11
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo