1
NgokukaMakhu 4:39-40
IsiZulu 2020
Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu. Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”
Qhathanisa
Hlola NgokukaMakhu 4:39-40
2
NgokukaMakhu 4:41
Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?”
Hlola NgokukaMakhu 4:41
3
NgokukaMakhu 4:38
UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?”
Hlola NgokukaMakhu 4:38
4
NgokukaMakhu 4:24
Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe.
Hlola NgokukaMakhu 4:24
5
NgokukaMakhu 4:26-27
Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini, alale, avuke ubusuku nemini; imile imbewu, ikhule, kodwa engazi ukuthi lokho kwenzeka kanjani.
Hlola NgokukaMakhu 4:26-27
6
NgokukaMakhu 4:23
Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
Hlola NgokukaMakhu 4:23
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo